Isihlahla sePepperbark: Isitshalo Somuthi Esisengozini

© Alice Notten of Kirstenbosch
Isihlahla se-Pepper-bark esasempumalanga ye-Afrika, i-Warburgia salutarus, sikhula eNingizimu Afrika, eSwaziland, Mozambique naseZimbabwe. Igama elithi 'salutaris' lisho ukunikwa kwezempilo, okubhekisela ekusetshenzisweni kokwelashwa kwe pepperbark. Inhlobo ehlobene, eyaziwa ngokuthi 'iKarambaki', isetshenziselwe imithi ngabadayisi base-Arabhu baseMpumalanga Afrika abahlali kusukela ezikhathini zasendulo.
I-Pepperbark awukwazi ukuyithola endaweni yasendle futhi ibhalwe njengezinhlobo ze-Red Data Book eziingavamile.Ivunwa kakhulu izinyanga ngenxa yamagxolo amaningi emithi yokwelapha, kwenziwa umzamo omkhulu wokugqugquzela ukusakazwa kwalesi sihlahla. Ikhula kalula kusuka ezicutheni noma ezimpandeni ezinamathele enhlabathini egcwele futhi yenza isitshalo esikhangayo sokulima. Ipepperbark ikhula kakhulu ngamamitha amahlanu kuya kwayishumi futhi ilungisa inayithrojeni njalo amaqabunga ayo enza umquba ocebile wenayithrojeni. Izimbali ezincane eziphuzi zakha amajikijolo angu-30 mm azondeza umbala obomvu. Amaqabunga, izithelo kanye namagxolo angaphakathi anomdla oqinile wepelepele kanye nokuvunwa kuphambaniswa kakhulu ekuthandeni kwesithelo izimpukane nezinkawu. Izihlahla zithatha isikhathi eside ukuvuthwa futhi zingavunwa kuphela eminyakeni eyishumi ubudala, kodwa kuthatha iminyaka engamashumi amabili ukuze zikhule ngokugcwele.

Amagxolo kanye namaqabunga e-pepperbark aqukethe umuthi ohlasela amabhaktheriya,umuthi ohlasela ukhunta (ikakhulukazi ngokumelene nezifo zesilonda se-Candida) nomuthi ohlasela uzozo.Isitshalo somiswa bese sichotshozwa sibe sampushana futhi zisetshenziswe njengomuthi wokuphatha isisu, izifo zesifuba, izinhlungu zomzimba, izinkinga zesisu (isifo sohudo, ) kanye noqhuqho.
Isetshenziswe njengogwayi, ihlanza amakhala futhi lapho igxolo lihlafunwa, kulungisa izikhalazo zesifuba, kunciphisa ukuqothulwa, imfiva nezinhlungu zomzimba.Amaqabunga asiza ukulwa ne-rheumatism nezifo zesikhumba, ngenkathi izimpande eziphekiwe zengezwa isobho ukuphilisa isifo sohudo. Zombili iziqu kanye nezimpande zomshoshaphansi ziyindlela yokwelapha uqhuqho futhi uma ihlaselwa futhi ixubene namanzi, ingaphulukisa izilonda zomlomo. E-Kenya, amaqabunga atholakala kukhali wokunambitheka.
Ukucwaningwa okwenziwe ukuqhathanisa amagxolo kuya kumaqabunga kubonisa ukuthi umehluko awufanelekile. Ukushintsha amaqabunga ngamagxolo ekusetshenzisweni kwemithi yendabuko kuzovumela ukuvunwa okuqhubekayo kwalesi sitshalo esisengozini.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza