I-Damask Rose Oil

© Highlands Essential Oils
IDamask rose oil ngokuqondile ibizwa ngokuthi, Rosa Damascena oil. IRosa damascena ingeyomdabu eMpumalanga Emaphakathi futhi iyatholakala naseTurkey nase-Iran kodwa amasimu ayo amakhulu aseCentral Bulgeria. Amafutha eRose kade esetshenziswa amakhulu eminyaka ukulapha isifuba somoya, ukukhwehlela, ukuvimbana nomkhuhlane, kodwa iyasetshenziswa ukwakha amakha, emikhiqizweni yesikhumba nezimonyo.

Ukukhiqizwa kwamafutha kuncike ezimeni eziningi kumbandakanya izulu, isikhathi sokuvuna, ubunjalo bezimbali nendlela yokuwapheka. Ngesikhathi esimaphakathi sokuvuna umkhiqizo mkhulu kunasekuqaleni ngoba isimo sezulu sisuke siphakathi nendawo, uma sinjalo siyawandisa umkhiqizo. Amafutha eRose akhishwa ezimbalini ezintsha ngokuwapheka ngomusi, irose ikhiqiza amafutha aphuzi ngokuphaphathekile ashubayo abeyisitaputapu uma ebekwe endaweni ebandayo. Amafutha angango-1kg akhishwa kumarose awu-4000kg amasha. Irose concrete ikhiqizwa ngehexane, i-1kg yerose concrete ikhiqizwa ngezimbali ezintsha eziwu-350kg. Irose leaf concrete nayo iyakhiqizwa.

Amafutha erose aqukethe amavitamin, amamineral, ama-antioxidant nezithako eziqeda ukulunywa futhi afanelwa yiyo yonke inhlobo yezikhumba, ngisho esizwelayo noma esinamafutha. Ayasiza ekudambiseni umqubuko futhi anezithako ezisokamisayo. Ngaphezu kwalokhu, amafutha erose ayasiza ekwelapheni i-psoriasis futhi isiza nasekwelapheni izilonda. Ukusebenzisa amafutha erose esicindezelweni esishisayo noma esibandayo kungehlisa ukubohlisa ukuvuvuka kanye nobuhlungu besilumo.

Ikhiqizwa eClocolan eFuleyistata naseHogsback eMpumalanga Koloni. IRosa damascena iyachuma ezindaweni ezinemvula eningi nakwezinesimo sezulu esipholile njengoba irose lidinga ubusika obubandayo ukuze liqhakaze. Ngenxa yesikhathi esifushane sokuqhakaza, isivuno esisodwa esivunwayo ngonyaka.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe