Amafutha eNdlulamithi

© Geekstreet
Indlulamithi ekuqaleni yayisetshenziswa aboMdabu base-Australia, beyisebenzisela izithako zayo ezivimba ukubhibha-belapha izilonda, izilonda ezidalwa amagciwane esikhunta nokulapha imikhuhlane kanti abelaphi bamaShayina, abamaGriki, abaseYurophu abe-Ayurveda basebenzisa indlulamithi njengesibulali magciwane nanjengomuthi wokuqeda ukuvimbana emakhaleni nasesifubeni. Kusukela ekuqaleni ngeminyaka yama-1880, odokotela abahlinzayo base bevele. besebenzisa amafutha endlulamithi njengomuthi ovimba ukubhibha lapho behlinza. Indlulamithi akuyona eyomdabu eNingizimu Afrika. Amacembe avunwa ezingadini ezenzelwe wona noma emapulazini. Izinhlobo ezinkulu ezikhiqiza amafutha eNingizimu Afrika yi-Eucalyptus smithii, i-Eucalyptus dives, ne-Eucalyptus australiana.

Amafutha endlulamithi abulala amagciwane futhi ayawulapha umkhuhlane nezimpawu zawo. Iyasiza ekulapheni isinuses (ngokuhogelwa komusi) futhi iyasetshenziswa ezindaweni zokugquma, iyasetshenziswa nasezinhlungwini zemisipha futhi iyafakwa nasemikhiqizweni yokukhuculula ngenxa yezithako zayo ezilwa nezinunwana. Futhi ingumxoshi wezinambuzane ophambili, ingasetshenziswa ukugeza izinja namakati nemendlalo yazo. Omunye umvuzo wokusebenzisa amafutha endlulamithi ukuthi uyakwazi ukuphumuza ingqondo ngokuyipholisa futhi uyivuselele. Njengesikhuthazi, iyasiza ekuqedeni ukukhathala nokunokoza komqondo, futhi ivuselela nomdlandla futhi isetshenzisiwe emagunjini okufundela njengohlobo lokwelapha ngephunga.
Indlulamithi akumele isetshenziswe ngabesimame abakhulelwe, izingane nabantu abanomfutho ophansi wegazi, ushukela nezinso, nezinkinga zesibindi nesisu. Amafutha ayo ayawuzwela umlilo kufanela abekwe kude namalangabi omlilo angamboziwe njengamakhandlela nje.
Umkhiqizo wamafutha endlulamithi eNingizimu Afrika ubalelwa kokucishe kube-5% womkhiqizo womhlaba. Abanye abakhiqizi abakhulu iShayina ne-Australia. Eningizimu Afrika, izihlahla zitshalwa kwaZulu naseMpumalanga bese imboni enkulu ibaseRichmond, kwaZulu.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Zoza Shongwe