Amafutha eMarula Okuvuselela Isikhumba

Isihlahla se-Marula (Sclerocarya birrea) Sisakazwe kulo lonke elase-Afrika ngenxa yokufuduka futhi sivela eNingizimu ye Afrika (iNingizimu Afrika, i-Botswana, iZimbabwe, iSwaziland, iNamibia, i-Angola), eNtshonalanga Afrika (eNiger, eGambia, iDemocratic Republic of ECongo) kanye neZambia, iSudan, Ethiopia, Kenya, Tanzania (kuhlanganise neZanzibar) nase-Uganda. Iye yatholwa eMauritius, eReunion futhi ikhule e-Israel, e-Australia naseNdiya. IMarula izwela iqhwa, ingakhula kahle emhlabathini ompofu futhi ikhetha izindawo ezifudumele zaseNingizimu Afrika ikakhulukazi eMpumalanga nasePhalaborwa esifundazweni saseLimpopo. Isihlahla singakwazi ukukhiqiza izithelo ezingamathani amathathu. Izithelo ezivuthiwe zinesikhumba zombala wephuzi. Izithelo, amantongomane, amagxolo, amaqabunga neziqu kuyasetshenziswa.
Umuthi we-marula ungakhula kalula kusuka enzalweni (zigxambuzwe emanzini afudumele), kodwa futhi ngokusika noma ukuhlumelisa. Izithelo ziqala ukuwa emithini ngoFebhuwari nangoMashi, lapho ngemuva zivuthwa khona phansi (ngoMashi kuya ku-Ephreli). Izithelo ziyathathwa emhlabathini, zihlanjwe ngesandla, zihlutshiwe futhi zithwetshiwe. Izithelo ze-Marula zibiliswa futhi zisetshenziselwa iziphuzo (ijusi, utshwala nobhiya) futhi iqukethe uvithamini C ongaphezu kwejusi lewolintshi - 100 g we-marula izithelo ziza ne-194 mg we-Vitamin C. Izikhumba zingasetshenziswa ukwenza insipho, isinamathelisi noma i-achar. Amaqabunga kaMarula asiza ekondleni imfuyo, i-gark isetshenziselwa ukwenza udayi obomvu nezinkuni zenza imibazo emihle.
Amantongomane (avame ukugwinywa futhi adliwe) aqukethe imbewu enamafutha alinganiselwa u-65%, impahla ebalulekile. Abavubi bashisa iningi lamantongomane ukuze bengachithi isikhathi isikhathi esiningi. Ososayensi e-Everpix bathuthukisa inqubo enkulu yokuqhekeza amantongomane e-marula ukuze akhiphe amafutha e-marula. La mafutha acebile emaqenjini ama esidi asemqoka kanye njalo asebenza njengesihluthulelo sesikhumba kanye nomvikeli okwenza kube kuhle kakhulu kunazo zonke izinhlobo zesikhumba ngokuguga ikakhulukazi esikhumbeni esincane. Amafutha eMarula ahamba phambili ngo-vithamini C no-E okwenza amafutha aqine kakhulu futhi aphikisana kakhulu nokulumbana ne oksijini. Amafutha ashelela emzimbeni 'okwenza kube asebenze kahle kwezokudovadova.

Isexwayiso Sezokwelapha

Lolu lwazi olokufundisa nokwazisa kuphela ngakho-ke akufanelwe luthathwe njengeseluleko sokwelapha. Ngalolu lwazi akuhlosiwe kuvala isikhala seseluleko sezokwelapha noma ukwelapha kodokotela abakhokhelwayo.

Translated by Nsika Khoza