Ukuxabana Phakathi KweziChwe namaKhoikhoi

Izindlu Ezisebenzayo

©Shem Compion
Isakhiwo sezindlu esiyisisekelo seKhoikhoi kwakuyizindlu eziyindingilizi phezulu ezibizwa ama-|haru oms. Lezi zidalwe ngokwakha uhlaka oluyindilinga lwamagatsha aluhlaza okwakunamathele emhlabathini, aguqulwe futhi ahlanganiswe kanye nezibopho ezincane zesikhumba. Lokhu kwakumbozwe ngecansi elenziwe ngezandla nohlanga kuhlanganiswe ndawonye. Kwakungumsebenzi wendoda ukwakha uhlaka, kanti abesifazane besenza icancsi lomhlanga.
Ama-|haru oms ebesebenziseka njalo akhiwa ngezinto ezimbalwa. Izinto zokwakha zatholakala ngokukhululekile kuso sonke isifunda. Ehlobo, umhlanga wenza umoya ujikeleze futhi unikeze umthunzi elangeni elishisayo. Ebusika, izikhumba zengeziwe ukuze kufudumeze izindlu. Ngaphezu kwalokho, lapho kunetha, uhlanga lwakhukhumala ukuze amanzi engangeni endlini njalo izindlu eziyisiyingi zanikeza isivikelo kumoya onamandla. Konke kuzo zonke, kwakuyisibonelo esingavamile sokusebenzisa izinto ezikhona kungena kuhlaphaza.

Kuyahambisana Nemvelo

©Shem Compion
Ama-|haru oms nawo ayephatheka. Ngakho-ke, lapho sekuyisikhathi sokuhamba, amashidi ayevele aqoqwe athuthelwe endaweni elandelayo. Uhlaka laluvame ukushiywa ngemuva ukuze lusetshenziswe kabusha ngenkathi elandelayo. Kodwa, akuwona wonke amalungu omndeni akwazi ukuhlanganyela ekuthutheni kwaminyaka yonke. Abancane nabadala babevame ukuhlala emizaneni engenakushintsha, engabandakanya abantu abangaphezu kwekhulu.
Lezi zindawo ziphinde zisebenzise ama-|haru oms njengezindlu, njalo izindlwana azibhidlizwanga ngaphandle zingekho esimweni esifanele. Eqinisweni, ama-|haru oms ayefanelene kakhulu nemvelo ngisho nabahlali bokuqala abamhlophe abathuthela endaweni bawathatha, futhi yahlala iyindlela ejwayelekile kakhulu yokuhlala eNamaqualand kuze kube ngo-1900s.
Namuhla, i- Richtersveld yindawo kuphela emhlabeni lapho usathola khona ama-|haru oms. Asetshenziswa abafuyi abahlala e-Richtersveld Community Conservancy, futhi ungakwazi ngisho nokubona ezimbalwa zokuhlala namuhla, eceleni kwezindlu ezakhiwe ngezitini. Kuyavunywa, lezi zibonelo zanamuhla zivame ukuxhaswa ngezinto zamanje, njengocwazi, kodwa kusengumkhuba wendabuko oqhubekayo owakhiwe okubuyela endulo.

Ingozi Yokukhohlwa

Ngokudabukisayo, ubuciko bokukwakha ama-|haru oms busengozini yokukhohlwa futhi abantu abambalwa kuphela abangamaNama abahlala eRichtersveld bagcina amakhono adingekayo.
Kodwa lokhu kuyindlela yolwazi lwendabuko okumelwe lugcinwe futhi kunomzamo oqhubekayo wokudlulisela lolu lwazi ezizukulwaneni ezintsha. Isibonelo, maduzane, iqembu lamaNama elivela eRichtersveld liwela umngcele ukuya emphakathini wakwa //Gamaseb eNamibia ukuphinde ufundise abafowabo ukuthi bangakha kanjani lezi zindlu zendabuko zendonga.
Abantu abasha eRichtersveld nabo bayakhuthazwa ukuba bafunde le mboni, futhi kulindeleke ukuthi ukuvakashelwa kanye nesimo seGugu loMhlaba (ngokuyinxenye ngenxa yama -|haru oms) kuzokwenza lolu hlelo lube namandla.

Translated by Nsika Khoza