Small-Spotted Genet

© Nigel Dennis

Igama

I-Small-Spotted Genet, ibizwe nge-Common Genet [Genetta genetta]

Zibonakala kanjani

I-Small-Spotted Genet ithe ukuba ncane kune Large-Spotted Genet, enezimpawu ezimnyama nokumhlophe. Umsila walesi silwane unendawo emhlophe, i-Large-Spotted Genet yona inombala omnyama. Umzimba weSmall Spotted Genet unombala osakhilimu. Umhlane wayo unomugqa omnyama noboya obumile. Inamabala amhlophe ebusweni.

Zidlani

I-Small Spotted Genet idla izilwane ezincane nezinambuzane njengamalulwane, izinyoni, izilwane ezihuquzelayo, izilwane eziphila emanzini nasezweni, amashongololo, nezinkume. Ufezela nawo ubalwa njengokunye kokudla kwalesi silwane. Sengathi lesi silwane asidli izithelo kakhulu njengeLarge Spotted Genet.

Zizalana kanjani

Lesi silwane sizala imidldwane emibili noma emithathu ngonyaka. Simitha izinsuku eziwu-70 kuya kweziwu-77. Amadlebe namehlo emidlwane alesi silwane kuvuleka emveni kwezinsuku ezinhlanu kuya kweziwu-18. Amazinyo aqala ukubonakala emveni kwenyanga. Imidlwane iqala ukudla ukudla okuqinile ngemva kwamasontshwana, kodwa ayaqhubeke nokuncela izinyanga ezimbalwa.

Ziphila kanjani

Lezi zilwane zithanda ukuhamba zodwa, akujwayelekile ukuthi zibonwe zihamba ngambili. Zibonakala emahlathini nangasemifuleni. Zithanda ukulala ezihlahleni ntambama. Noma kunjalo, zithanda ukuzifihla ezindaweni ezinezimbobo noma ezidlekeni zamadwala.

Zitholakala kuphi

Noma sengathi lezi zilwane zitholakala ezindaweni eningizimu ye-Afrika, zivame ezindaweni ezomile kulesi sifunda. Azikho ogwini olusentshonalanga yeNamibia nasogwini olusuntshonalanga-ningizimu yaseNingizimu Afrika.

Eminye imininingwane

Lesi silwane asiyona ingozi. Kujwayelekile ukuthi sibonakale emakhaya nasezindaweni zokuhlala eziseziqiwini, lapho zingena khona, zithathe ukudla phezu kwetafula.