White Rhino
Ubhejane omhlophe

© Roger de la Harpe

Igama

Ubhejane omhlophe noma i-square rhinoceros (Ceratotherium simum)

Ubonakala Kanjani

Ubhejane omhlophe uyisilwane sesithathu ngobukhulu emhlabeni. Mkhulu kanti uvame ukungabi nolaka njengobhejane omnyama. Umehluko phakathi kwabo, yizimpondo zawo ezingefani nhlobo kanti kuthiwa akuzona izimpondo zangempela. Uphondo olude kunazo zonke lwaluwu-1.58m. Izinkunzi zakhona zinesisindo esiwu-2 000kg, kanti lo bhejane mkhulu ngaphezu kwenkomo, yona enesisindo esiwu-1 800kg.
Izinkunzi zakhona ziwu-1.8m ubude. Isikhumba sawo esimpunga sinoboya obuncane ngendlela yokuthi ungathi awunabo sidalo uboya. Ubhejane unomlomo oyisikwele omkhulu. Obhejane abamhlophe banelunda. Unesikhaba esibheke emuva kanti amankwahla asesiswini.

Badlani

Ubhejane omhlophe awudli kakhulu. Uthanda ukudla utshani obufishane, kodwa uyabudla nobude uma bungekho obufishane. Umlomo wawo omkhulu wenza kube lula ukumumatha umthamo omkhulu.

Bazalana Kanjani

Nakuba ukumitha kwabo kuvamise ukuba ngesikhathi sezimvula, kodwa lesi silwane asinaso kahle kahle isikhathi sokuzala. Amankonyane azalwa uma kuqala isikhathi sesomiso emuva kokumitha izinyanga eziwu-16, kanti amankonyane ahlala nonina iminyaka emibili kuya kwemithathu, lapho unina esuke esezozala elinye inkonyane.
Izinkomazi zakhona ziqala ukukhwelwa uma sezineminyaka eyisishiyagalombili kanti izinkunzi ziqala ukukhwela sezineminyaka elishumi kuya ku-12. Ngesikhathi sokukhwela, inkunzi ikhwela ihora lonke.

Baphila Kanjani

Ngaphezu kwemilenze emifishane, lolu hlobo lukabhejane lugijima ngesivinini esikhulu kabi kodwa ibangana. Izinkunzi ezikhonyayo ziba nezindawo zazo eziziphethe ezingaba wu-2km kuya ku-5km, kodwa kuyenzeka kube khona ezinye izinkunzana ezithola ingxenye yaleyo ndawo.
Izinkomazi zona ziyakwazi kodwa ukweqa leyo mingcele. Inkunzi ephethe iye izame ukuba nenkomazi yayo kuleyo ndawo yayo, futhi ikwazi ukuhlala nayo izinsuku eziyisihlanu kuya kwezilishumi ngaphambi kwesikhathi sokukhwela.

Batholakala Kuphi

Phambilini bebetholakala emahlathini eNingizimu Afrika. Kodwa ngekhulunyaka lika-19 baqedwa ngabazingeli, ngaphandle kwaseMfolozi KwaZulu-Natali. Nakuba sebekhona manje kwezinye izifunda abase bephelile kuzona, kodwa namanje basabulawa ngabantu ngokungemthetho.

Eminye Imininingwane

Ubhejane omnyama yiwona obujwayelekile ezilwaneni ezinkulu ezinhlanu ezaziwa nge-Big Five kodwa ngenxa yokushoda kukabhejane omnyama, omhlophe sekuyiwo manje osuthandwa kakhulu yizivakashi e-Afrika. Mncane kakhulu umehluko phakathi kukabhejane omnyama nomhlophe, igama elithi ubhejane omhlophe lasuselwa egameni lesiDashi elithi “wyd” okuyigama elisho umlomo. Leli gama abantu babecabanga ukuthi lisho umbala omhlophe. Ubhejane omhlophe wona mkhulu kunalona omnyama.