Usuku uNelson Mandela Akhululwa ngalo Ejele

© Dr Peter Magubane
Ngosuku uMadiba akhululwa ngalo ejele uMagubane wayesethathe isitebhisi wakhwela kuso (kwakunguphahla lwemoto) ukuze akwazi ukuthwebula uMandela uma esethula inkulumo yakhe yokuqala emi kumpheme wophahla oluphezulu, kodwa akakwazanga ukusondela kahle eduze.
Ngomhlaka 11 February 1990, ngosuku uMadiba akhululwa ngalo ejele, izixuku zahlangana ejele lase Victor Verster Paarl ukubungaza inkululeko yakhe. Umkakhe uWinnie Mandela wayekanye naye. Ngemuva kwesikhathi ngalo lelolanga wethula inkulumo kwizinkulungwane zabantu eme kumpheme wophahla ophezulu wase City Hall eKapa.
uMagubane wayesethathe isitebhisi wakhwela kuso (kwakunguphahla lwemoto) ukuze akwazi ukuthwebula uMandela uma esethula inkulumo yakhe yokuqala emi kumpheme wophahla oluphezulu, kodwa akakwazanga ukusondela kahle eduze. Ngesikhathi sebeshayela bebuyela emuva, intatheli engumthwebulizithombe u Dr. Peter Magubane wathwebula umzuzu lapho eqalaza ngemuva kwikhamera, ephethe iphephandaba elalibhalwe ukuthi “Inkululeko” Lesi isithombe esiyingqayizele uPeter asithwebula ngoba wayenethalente lokuthwebula imizuzu evusa uhlevane ngisho nakwizimo ezishubile.

“Ngemuva kokuqwala igquma elikhulu, umuntu ube esethola ukuthi aemaningi amanye amangquma okumele awaqwale.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more