uPeter Magubane ngo Desmond Tutu ngo 1986

© Roger de la Harpe

Sebenzela Ukuthula

uPeter Magubane ingcweti ephelele kukho konke enehlo elibukhali futhi uzizuzele ngokuhle udumo nesithunzi emhlabeni wonke. Kwimiboniso emile yezithombe zika Peter isetshenzisiwe ukwenza iningi labantu ukuba bazi ngomulando omangalisayo walokho okwezeka ezweni elihle kodwa elidumele nelehlukene phakathi ngenxa yezehlakalo nezinxushunxushu selokhu kwaqubuka umbhedukazwe kusukela ngo June 16, 1976.

Kusukela lapho izinkinga zezwe lethu sezibe nokujiya futhi siseduze nenhlekelele. uPeter usinikeza sonke ithuba lokuba sibone ukuthi ngempela lokhu kunjalo futhi mhlawumbe singakwazi ukushukunyiswa ukuze sithathe igxathu noma elinjani ukwahlukanisa izibopho zamaketanga obandlululo futhi siqinisekise ukuthi izehlo ezinjengalezi ezathwetshulwa ihlo elibukhali lika Peter Magubane azisoze zaphinde zenzeke futhi ezweni lethu. Sebenzela ubulungiswa ngalokho uzobe usebenzela ukuthula.

U-Desmond Tutu

Omunye wabantu abathandwayo baseNingizimu Afrika, u-Desmond Tutu waziwa ngokuba ngumshicileli wamalungelo wobuntu kanye nomnqobi we-Nobel we...more