uNelson Mandela uhlangana no Kenneth Kaunda eZambiya

© Dr Peter Magubane
uNelson Mandela uhlangana no Kenneth Kaunda eZambiya.
uKenneth Kaunda wayenguthishela owagcina esengu sopolitiki wase Zambiya. Waba isishoshovu esiqavile ekulweni ukuba iZambiya ikhululwe umbuso wamaBrithani. uKaunda waba ngoMongameli wokuqala we Zambiya ezimele kanti wakhethwa ngo 1964. Waphatha iminyaka engu 28 kanti wayaziwa ngogqozi lwakhe ayemi kulo lokumelana nobandlululo.
Ngesikhathi uMandela ethatha isinqumo sokuhambela amazwe ase Africa ngemuva kokukhishwa kwakhe ngo 1990, wavakashela ikomkhulu le African National Congress (ANC) elise Lusaka, Zambiya nokuyilapho ahlangana khona noKaunda. Wasenqaba isiphakamiso sika Kaunda sokuba athi I ANC kumele ibheke ukubuyekeza kabusha uhulumeni wayo kunokuba iqhubeke nomzabalazo wayo wezikhali. Kulokhu uMadiba waphendula: “Kucacile ngokusobala ukuthi uhulumeni akakulungele okwamanje ukuhlangabezana nathi ngakhoke, ungeke wasilindela nathi ukuba senze izivumelwano nohulumeni."

“Ngangazi njengoba ngangazisiza konke ukuthi umcindezeli naye kumele akhululwe njengaye qobo ocindezelweyo.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more