iRally yokuqala eyayisemthethweni ye ANC

© Dr Peter Magubane
uThomas Nkobi, Oliver Tambo, Nelson Mandela no Walter Sisulu kwinkomfa yokuqala egunyaziwe ngokusemthethweni ye ANC ngemva kweminyaka engu 30.
Ngemuva kokuvunyelwa kwe African National Congress (ANC) ngo 02 Feb 1990, lase likhululekile ukuba lingabamba amarali nemicimbi yokukhankasela umholi walo uNelson Mandela ukuba abe ngoMongameli wokuqala oqokwe ngokwentando yeningi wase Ningizimu Afrika. iANC yabe isibamba izingxoxo eziqhubekayo nohulumeni we National Party futhi benza inqubekela phambili emangalisayo ekuqinisekiseni uguquko olunokuthula phakathi kobandlululo kanye nentando yeningi.
Irali yokuqala eyayisemthethweni eyabanjwa yi ANC yayihanjelwe izicukuthwane (kusukela kwesokunxele) Thomas Nkobi, Oliver Tambo noWalter Sisulu. uNelson Mandela uyabonakala lapha ephakamise isibhakela sakhe esifingqiwe okuyinkomba yokubingelela emzabalazweni ukubonisa amandla kubumbano.

“Umnqobi ngongadangali Kwiphupho lakhe.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more