uAllan Boesak wayengumfundisi kanti wayeqeqeshwa kweze theology kumakolishi amaningi azungeze umhlaba waze wathola iziqu ze PhD ngezokuphatha (ethics). Ngo 1982 uBoesak wethula isigaba enxusa iWorld Alliance of Reformed Churches (WARC) ukuba imemezele ubandlululo njengobuhedeni.
Lomfelandawonye wamabandla wasemukela lesisethulo wamemezela njengokuCwasa ngebala wabe usumqoka ukuba abe ngusihlalo wombutho owawunamalunga wezigidi ezingu 50. Waphinde futhi wasebenza ekusungulweni kwe United Democratic Front (UDF) ngo 1983, lena kwakuyinhlangano eyembozile ekulweni nobandlululo eNingizimu Afrika.
Osesithombeni ngu Nelson Mandela noDkt Allan Boesak kwirali yokulwela inkululeko ye ANC. uMongameli Nelson Mandela wazinikela ukuba abe ngufakazi ngendlela yokuziphatha ngesikhathi uDkt Allan Boesak ebhekene nezinsolo zokukhwabanisa ngo 1997.
“Uma abantu bezimisele bangaphumelela kunoma ikuphi abakwenzayo.” ~Nelson Mandela