uNelson Mandela beno Hugh Masekela nabanye abaculi base Ningizimu Afrika

© Dr Peter Magubane
uHugh Masekela, Letta Mbula, Caiphus Semenya, Nelson Mandela, Queeneth Ndaba, Julian Bahula, Jonas Gwanwa, Dollar Brand (Abdullah Ibrahim) kanye nabanye.
Ngesikhathi seminyaka yobandlulululo abaculi abaningi bebala bakhiqiza uhlobo lomculo olwalumelene nobandlululo ukuzwelana nomzabalazo. Abaculi (kusukela kwesokunxele) uHugh Masekela, Letta Mbula, Caiphus Semenya, Julian Bahula, Queeneth Ndaba, no Jonas Gwanwa babengabaculi abadumile ngesikhathi sokukhululwa kuka Mandela.
Umshayi wecilongo nomqambi wezingoma uHugh Masekela yenake wayeyisishoshovu ekulweni nobandlululo wabonisa ngokwempela ukuthi ukuba yisishoshovu kanye nomculo kngahambiselana. Wakhiqiza iculo ngo Mandela (Mbuyiseleni ekhaya) waba ngumngani noMadiba ngemuva kokuba esephumile ejele. Kulesisithombe, uMandela uyahleka ngokuthokoza nabanye babaculi base Ningizimu Afrika ababekade beyingxenye yomzabalazo wokulwela inkululeko futhi sebengamaqhawe omlando womculo wase Ningizimu Afrika.

“Abesilisa nabesifazane, kuwona wonke umhlaba kwehle kuyoshona phansi eminyakeni bayafika bedlule. Abanye abashiyi lutho ngemuva. Ngisho nanegama labo.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more

Mandela 100 - Timeless Madiba

Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminy...more