Umlando Wemvelo we-Richtersveld

Inhlobo Zokuphila Zasendulo

©Shem Compion
I-Richtersveld akuyona indawo ongayihambela uma ufuna ukubuka izilwane. Akuyona ndawo yokubuka izilwane ezinkulu ezinhlanu. Noma kunjalo, naphezu kwesimo sezulu esomile, kukhona uhla olumangalisayo lwezilwane ezincelisayo, izilwane ezinwabuzelayo, izinambuzane kanye nokuphila kwezinyoni ezizobhekwa abantu abathanda ukwenze njalo.
Kodwa ngaphambi kokubheka izilwane zanamuhla ongazithola, ake sibheke izidalwa ezazihlala lapha.
I-rekhodi yamathambo noma izilokazane nezithombo osekwaguquka kwabayitshe ibonisa ukuthi, ngezikhathi ezimanzi, le ndawo yayinamahhashi asendulo, izindlovu, ungoso omkhulu, ufudu omkhulu, izingwenya, izinja ezidla izilwane,izintshe ezinkulu nezinye izinhlobo ezithakazelisayo.
Ulwazi lokuphila kwalezi zilwane zasendulo endaweni lusekelwa yizinyawo, imigodi kanye nezihlahla (okuthiwa ama-dendrites) okubonisa umhlaba ovundiwe ogcwele amahlathi.
Ulwandle lwalufudumala ngalezo zinsuku, futhi kuthiwa amazinyo emfingo namagobolondo okhwathu angavamile ahlongozwa abahloli bamazwe ahlukahlukene (abaqhathaniswa no-William Paterson ngo-1779).

Izithombe Eziguqulwe zaba Amatshe

©David Fleminger
Ezikhathini zamuva, iziChwe zabaza izithombe emadwaleni esifundeni (bona ngezansi). Lezi zithombe ezincane ezikhombisa ukuthi ingonyama, izindlulamithi, ubhejane, amavubu kanye nendlovu kwakuzulazula endaweni.
Namuhla, noma kunjalo, izilwane ezinkulu azivamile,izilwane ezincane zaqhubeka ziphila.
Kukhona nobufakazi obhalwe phansi ukuthi izintaba zaseNamaqualand kanye neRichtersveld zazijwayele ukuhlala umhlambi omkhulu wama-springbok nezinye izinhlobo zempofu. Ngo-1892, umantshi osekelwe e-Springbokfontein (manje ebizwa ngokuthi yiSpringbok) ubhala ukuthi wabona ukufuduka kwezigidi zezidalwa.
Le mihlambi yezilwane manje, ngokudabukisayo, into yesikhathi esedlule; usheshe waqedwa ngokuzingela, izifo zemfuyo (njenge-Rinderpest umkhuhlane we-1896) nokuphazamiseka komhlaba abantu.
Noma kunjalo, usungathola i-gemsbok (i-oryx), i-klipspringer, i-duiker, i-vaalribbok ne-steenbok esifundeni, nakuba lezi zilwane zivame kakhulu ezindaweni zokuvinjelwa ezivinjiwe eceleni kweNamibia emngceleni, lapho umsebenzi wabantu unqunyelwe khona. Idube engavamile nayo ikhona.

Translated by Nsika Khoza