Indle yase-Richtersveld

Izilwane Eincelisayo ze-Richtersveld

©Jacques Marais
Ngokuphathelene nezilwane ezincelisayo njalo zidla ezinye, i-Richtersveld iqukethe impisi ezinsundu, inehi, indabushe kanye nengwe (nakuba lezi zingavamile kakhulu). Uthola futhi izimpungushe ezimnyama, ikhanka yeKapa, ikhanka enezindlebe zelulwane, ikati yasendle kanye nekati enomthende (ebizwa nangokuthi i-zorilla). Ezinye izilwane ezincelisayo zihlanganisa ububhibhi, insimba enamabala nezinhlobo eziningana zochakide. Kunemfene nezinkawu (eztholakala ikakhulukazi emfuleni i-Orange River).
Izilulwane,ungoso, onogwaja kanye nezinhlobo zamagundane kujwayelekile kakhulu ku-e-Richtersveld. Lezi zihlanganisa igundane lendle, igundane lokhwelo, Igundane elinamandlebe endlovu, igundane elinomthende, igundane elinomsila omude kanye nengungumbane.Kukhona nenani eliphakeme lezinhlobo zezilulwane.

Izilwane Ezihuquzelayo

©Jacques Marais
Ngokuphathelene nezilwane ezihuquzelayo kanye nemfibhiyeni, abantu bocwaningo lwazo bazojabula ngezinhlobo ezihlukahlukene eziphixizayo futhi zigaqhazela kwi-Richtersveld. Lezi zihlanganisa ufudu omncane kunazo zonke emhlabeni, i-Namaqua noma iPadloper (abadala balinganisa u-100mm ubude). Uthola ufudu obizwa ngokuthi-angulate kanye nobizwa Namaqua tent. Izibankwa zihlanganisa i-Nile Monitor enkulu (noma i-waterlikkewaan),i-karoo girded lizard, i-amardilo girded lizard,i-Smith desert kanye ne cape flat lizard engavamile.
Ngonwabu kanye nontulo, uthola unwabu lwase Namaqua olungavamile (luhamba phambili emathafeni amadwala, esikhundleni sokuhlala ezihlahleni), untulo we-Namib, untulo omkhulu,untulo wehlane, untulo wase-Austin, untulo onozwani olusaqabunga, kanye nezibankwa ezisanyoka. Ngokwezinga layo, le ndawo inezinhlobo zontulo eziningi.
Izinyoka azivamile, kepha lezi ezekhona zinamandla kakhulu. Lezi zibandakanya imfezi emnyama kanye nezinhlobo ezihlukahlukene zezinyoka ezincane ezinesihlungu (ephafukayo,esaphondo, ezihlala ezintabeni nasehlane kanye neye-Namaqua emfishane ).

Amaxoxo Nezinyoni

©Nigel J Dennis
Akunazinhlobo eziningi zemfibhiyeni e-Richtersveld, njengoba lezi zilwane ngokuvamile zidinga amanzi okuzalisa.
Noma kunjalo, kunezinhlobo ezinyisishiyagalombili zamaxoxo, amaningi awo aziwa ukuthi azozingcwaba ngaphansi kwesihlabathi futhi avele ngemuva kwemvula enhle. Lezi zihlanganisa ixoxo le-Karoo, ixoxo lemvula lase-Namaqua kanye nexoxo le Pharadisi elisanda kutholakala.
Ukuvela okungazelelwe kwamaxoxo emva kwemvula eningi kuye kwaholela inganekwane ethi amaxoxo empeleni athunyelwa esifundeni ngamafu aphuma olwandle.
Ngaphezu kwalokho, izinhlobo ezihlukahlukene zezinyoni (197) nazo zitholakale ngaphakathi kwe- Richtersveld Trans-border Conservation Area. Lezi zitholakala ikakhulukazi emabhange ase-Orange, eduze kwemibhede yemifula eyomile nasezintabeni.
Zihlanganisa ukhozi, ukhozi olumnyama,isikhova esinamabala, i-rock kestrel, i-Cape spurfowl, i-bokmakierie, i-Namaqua sandgrouse, iCape bunting, i-Diderick i-cuckoo, i-African hoopoe, i-Cape bulbul, i-Redeyed bulbul, i-tactrac chat, i-lark, i-dusky sunbird, i-bee-eater, i-redknobbed coot (engathi umuntu omdala ongcolile), isivuba, amahlolamvula ahlukahlukene, inkonjane ezimbalwa kanye nezintshe eziningana (manje seziyingxenye yeprojekthi enkulu yokukhiqiza ezolimo).

Translated by Nsika Khoza