UMeya waseNew York, uDavid Dinkins uhlangana noNelson Mandela enkundleni yamabhanoyi i-JFK

© Dr Peter Magubane
Imeya yase New York, u David Dinkins uhlangabeza uNelson Mandela esikhumulweni sezindiza iJFK.

UDavid Dinkins wayengumphathi-dolobha weNew York City kusukela ngo-1990 kuya ku-1993 futhi wayengumuntu wokuqala omnyama waseMelika owabamba lelo dolobha. Wayengummeli one siqu sezibalo. Uhlangane noMadiba ekuqaleni kokuvakasha kwakhe emadolobheni ayisishiyagalolunye eMelika ngo-1990. Lokhu kwakuyingxenye yamasonto ayisithupha, okuvakashelwa kwezizwe eziyishumi nane lapho uMandela efuna ukwesekwa kwezezimali nokuqhubeka nezibopho zomnotho ngokumelene nombuso omhlophe eNingizimu Afrika. Kwacatshangwa ukuthi abantu abangu-750 000 eNew York beza kumbona lapho ehamba eNew York ehambela izindawo ezihlukahlukene ezinabantu abamnyama edolobheni.
UMeya uDinkins uthe: 'Saya enkundleni yamabhanoyi i-Kennedy ukuze simhlangabeze, futhi lapho ehla izinyathelo zalowo moya, kwakungenakuqhathaniswa. Uthola kangaki ukuhlangabezana nowodwa wamaqhawe akho? Uma ngabe ngisejele iminyaka engamashumi amabili nasikhombisa njengoba ayenzile, uma ngangihlukumezwe ngendlela ayenziwe, ngabe ngithwale intukuthelo ngaphakathi kwami. Noma kunjalo, into emangalisa kakhulu ngoNelson Mandela kwaba ukungabi khona kwakhe konke ukufutheka. Lapho siqala ukumgona, kwakungeyinye yezikhathi ezinhle zokuphila kwami. '

“Ngiphupha ngokubona kufezeka ubumbano eAfrica, lapho abaholi bayo behlangana kwimizamo yabo ukuxazulula izinkinga zakulenkabazwe.” ~Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more

Mandela 100 - Timeless Madiba

Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminy...more