uMadiba Ekhaya Lakhe unombolo-8115 e-Orlando West eSoweto

© Dr Peter Magubane
uMadiba ekwikaya lakhe eliku 8115 Orlando West, ekhoneni lwemigwaqo uVilakazi no Ngakane, eSoweto.

'Ngalobo busuku ngabuyela noWinnie kuNombolo 8115 e-Orlando West. Yingaleso sikhathi kuphela engangisazi enhliziyweni yami ukuthi ngiphume ejele.Kimi. unombolo -8115 kwakuyi phakathi nqo yesizwe sami, indawo ekhonjiswe ngo-X engqondweni yami. '
UNelson Mandela wathuthela e-Orlando West ngo-1946 lapho eshada nomkakhe wokuqala u-Evelyn Ntoko Mase. Bahlukanisa iminyaka eyishumi nanye kamuva. Ngo-1958 umkakhe wesibili uWinnie Madikizela wangena, kodwa wahlala lapha iminyaka emithathu ngaphambi kokuboshwa ngo-1961.
Eyakhelwe njengengxenye yethenda likahulumeni eGoli ngo-1945, indlu yomndeni kaMandela yayinophahla lwethini, iphansi yasimende, ikhishi elincane kanye nendlu yangasese emuva kwegceke. Ikamelo lokulala lalincane kakhulu kangangokuthi umbhede wabantu ababili wawuthatha cishe indawo yonke.
Ngemva kokukhishwa kwakhe ngo-1990 wabuyela ekhaya izinsuku eziyi shumi nanye ngaphambi kokuthuthela endlini ese-Houghton. Ngesikhathi lapho ehlangane nabahlali bendawo kanye nomndeni futhi bebhekene nokukhatha kwabalobi bendaba bangaphandle. Namuhla le ndlu iyindawo yamagugu omphakathi, ephethwe yiSoweto Heritage Trust.

“Asiyifuni inkululeko ngaphandle kwesinkwa, nesinkwa asisifuni ngaphandle kwenkululeko. ~Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more

Mandela 100 - Timeless Madiba

Izishoshovu ezahlukane zepolitiki, kubalwa kuzo noNelson Mandela owayengummeli ngaleso sikhathi bama bebekwe icala lokuvukela umbuso ngeminy...more