Ulamula

© Louise Brodie

Ulamula, owaziwa ngesendlalelo saso sangaphandle esiphundu nokunambitheka okumuncu, ungenye yezithelo ezibaluleke kakhulu ezisawolintshi ezitshalwe eNingizimu Afrika. Izihlahla zikalamula zitshalwa ezweni lonke futhi izindawo zokukhiqiza ezibalulekile zifaka i-Eastern Cape, iWestern Cape, neLimpopo. Ebusika (ukusuka ngasekupheleni kukaMeyi kuze kube ngu-Agasti eNingizimu Afrika) ulamula uvunwa bese uthunyelwa emazweni ahlukahlukene, ikakhulukazi e-United Kingdom.

Ulamula uyisithelo esithandwayo emindenini eminingi ngenxa yohlu lwayo olude lwezinzuzo zezempilo kanye nokusebenziseka ekhishini. Lesi sithelo esiqinile sikawolintshi asivame ukudliwa ngendlela yaso yemvelo (indlela umuntu angenza ngayo i-orenji) kodwa singasetshenziswa kumasiphu, amasosa, izitsha ezimnandi nezisawoti nezinye iziphuzo.

Translated by Nsika Khoza

Ukukhiqiza Ulamula

Ulamula usuka eMpumalanga Asia futhi lesi sithelo siye sahlonishwa ngenxa yezakhiwo zazo ezibulala amagciwane kusukela ezikhathini zasendulo...more

Ulamula eNingizimu Afrika

I-Cape Rough Skinned Lemon luhlobo oludala kakhulu lalamula eNingizimu Afrika. Yalethwa ezweni ivela eSt Helen ngo-1654....more