Ukuvakashela i-Mapungubwe

Indawo Ebukekayo

©Jacques Marais
Ipaki yeMapungubwe yesizwe (Mapungubwe National Park) yavula amasango ayo emphakathini ngo-2004. Indawo ebukekayo okumangazayo, okuyimfihlakalo, njalo inokuhlala emqondweni. Ngathola kuyo umthombo wokujabula nokuphefumulelwa njalo. Omunye umvakashi osekhulile ovela eThohoyandou wangitshela ukuthi wonke umuntu oza eMapungubwe uzizwa esekhaya. Uqinisile.

Indlela Yokufinyelela Lapho

©David Fleminger

I-Mapungubwe National Park ingamakhilomitha angu-530 enyakatho yeGoli (480km ukusuka ePitoli). Kufanele kukuthathe phakathi kwamahora amahlanu kuya kwayisithupha ukuze ufike lapho, kuye ngokuthi imoto ziningi kangakanani endleleni. Uhambo olude uma kuyimpelasonto, kodwa ngeke uzisole.

Kusuka eGoli, uthathe iN1 ukuya ePolokwane / Pietersburg. Shayela edolobheni bese ujika ungena ku-R521 kuya ku-Dendron. Ngemuva kweDendron (ebizwa nangokuthi iMogwadi), qhubeka ku-R521 kuya ku-Vivo. Uzobona izintaba eziqondene zaseSoutpansberg ezikhuphuka eziphuma emgodini wendawo, futhi uzodlula ngasentshonalanga yazo.

Ngemuva kweVivo kufika indawo yokuzingela i-Alldays. Umgwaqo uyajika kancane (ngakwesokunxele) njengoba uqhubeka ku-R521 ukuya ePontdrift. Cishe amakhilomitha ayishumi nanye ngaphambi komngcele wePontdrift, uzobona izimpawu zeMapungubwe. Jikela ngakwesokudla ku-R572 bese uqhubeka amakhilomitha angamashumi amabili nantathu esangweni elikhulu. Ungaphinde ufinyelele eMapungubwe kusuka eMusina.

Ukuze ulandele lo mzila, qhubeka ngoN1 ngePolokwane / Pietersburg naseMakhado / Louis Trichardt ukuya eMusina / Messina. E-Mussina, jikela ngakwesokunxele ungene ku-R521 bese ushayela cishe amakhilomitha angamashumi ayisithupha esangweni eliyinhloko. Yonke imigwaqo yokufinyelela eya esangweni eliyinhloko laseMapungubwe ihlelwe futhi ihle kakhulu.

Thola Okudingayo ePolokwane

©Jacques Marais

Qaphela ukuthi iPolokwane yiyona idolobha elikhulu lokugcina ozolibona, ngakho-ke thola konke okudingayo. E-Mapungubwe umuntu nomuntu uyaziphekela kuphela. Amadolobha aseDendron, Vivo nase-Alldays aneziteshi zephethiloli kanye nezitolo ezincane ezimbalwa, kodwa akukho lutho oluthile.

Khumbula ukugcwalisa e-Alldays ngoba azikho iziteshi zikaphethiloli phakathi kuka-Alldays noMapungubwe. Kulesi sigaba, akukho pethiloli etholakalayo eMapungubwe. Esinye isiteshi sephethiloli esiseDongola Ranch, cishe ngamakhilomitha angamashumi amathathu kusukela esangweni elikhulu endleleni eya eMusina.

Isimo Sezulu Kanye ne-Malaria

©Ton Rulkens
I-Mapungubwe isengxenyeni eyomile yezwe, kanye nezindawo zemvula zeminyaka yonke zivela ku-350-400 mm, ikakhulukazi ziwela ezinyangeni zasehlobo. Njengoba sekushiwo ngenhla, lesi sifundazwe sibhekene nokoma ngezikhathi ezithile. Isikhathi sehlobo singashisa kakhulu, sifike amazingakushisa angamashumi amane nanhlanu. Isikhathi sobusika sifudumele, kodwa ubusuku bungase bubande. Kuhlale kungumqondo omuhle ukuletha izingubo ezithile ezifudumele uma uzohamba ebusuku. I-Mapungubwe inqunywe njengendawo yomalaleveva, ngakho-ke thatha umfafazo wezimbungulu. Ukusabalala kwezinambuzane eziphethe umalaleveva kuncane kakhulu kuneKruger, futhi akukho amacala asanda kubikwa. Ungazikhethela ukungahambi noma ukuhamba nomfafazo ozokuvikela kumalaleveva. Xhumana nodokotela wakho, uma kunesidingo.Translated by Nsika Khoza