Ukuphathwa Kwezitshalo ze-Brinjal

© Louise Brodie

Ukushintshanisa Izitshalo

I-Brinjal kufanele ijikelezwe nganoma yisiphi isitshalo esingesona i-nightshade ukulwa nokwakhiwa kwezilokazane ezikhathazayo nezifo.

Isivuno

Isilinganiso esincane: amathani ayishumi nambili
Isilinganiso sangaphakathi: amathani angamashumi amabili
Isilinganiso esihle: amathani angamashumi amathathu kunyuka
Abalimi abasika isitshalo emva kokuvuna kwangaphambili ezindaweni ezijabulela isimo sezulu esifudumele ekwindla bangathola isivuno sesibili ngonyaka kanti lokhu kungengeza ukukhiqizwa kwabo kube ngamathani angaphezu kuka-40 ehektheleni ngalinye.

Ukuvuna

Ukuvuna kuqala kusukela emavikini ayishumi kusukela ekutshaleni futhi kungaqhubeka izinyanga. Izithelo zivunwa ngommese. Lapho isithelo sinemibala efanayo futhi isikhumba sicwebezele sesilungele ukuvunwa. Ukuqoqa okuqhubekayo kukhuthaza izithelo zivuthwe ngokushesha. Izithelo zingahlanzwa emanzinii bese zifakwe emakethe yokudayiswa. Ukunakekelwa kufanele kuthathwe ukuze kungalimazi isikhumba njengoba lokhu kukhuthaza ukubola kwesivuno.

Isitoreji

I-Brinjal kufanele igcinwe izinsuku eziningana ezingu-14 cishe ngo-10°C endaweni enomswakama ophezulu. I-Brinjal iyonakala kakhulu ngakho kufanele idayiswe ngokushesha ngangokunokwenzeka emva kokuvuna.

Izilokazane Ezikhathazayo kanye Nezifo

Izinambuzane ezinkulu: Ama-Nematodes, ulwembu obomvu, umswenya, i-American bollworm, i-Tip-wilters, ubhungane odla amaqabunga, nokuhlala emanzini nasemhlabeni. Izifo ezinkulu: i-bacterial wilt, i-Verticillium wilt, i-Powdery mildew, i-Anthracnose, i-fungal leafspot, i-Tobaco Ring Spot Virus ne-Botrytis.
Ukuze uthole izifo kanye nokulawulwa kwezinambuzane, kuhle ukubonisana nomhlinzeki wakho wamakhemikhali kanye nesandiso sezinhlelo zokuvikela izitshalo nezifo.

Translated by Nsika Khoza