Ukuphathwa kwesitshalo se-Broccoli

© Louise Brodie

Ukushintshanisa izitshalo

Shintshanisa nama-allium (isibonelo u-anyanisi, ishaladi lenyoka, ulikisi) noma okusandumba.

Isivuno

Isilinganso esincane: amathani amahlanu
Isilinganiso sangaphakathi: amathani ayisishiyagalombili
Isilinganiso esihle: amathani ayishumi nambili

Ukuvuna

Ukuvuna i-broccoli kwenziwa ngesandla. Inhloko ephakathi inqunywe ngesiqu esingamasentimitha ayishumi kuya kushumi nanhlanu ubude ukuvimbela ikhanda ukuba lingalimai. Njengoba i-broccoli iqala ukuphelelwa amanzi ngokushesha ngemuva kokuvuna kufanelekile ukuba ingene endaweni yokugcina epholile ngokushesha. Kukhona abalimi abakhulu bezohwebo abakuvuna ngomishini. Lokhu kudinga ukuthi zonke izinhloko zivunwe ngesikhathi esifanayo.

Isitoreji

I-broccoli kufanele igcinwe ku 0 kuya ku -1°C nomswakama oyi-95%. Ingagcinwa izinsuku eziyishumi nane. I-broccoli kuthiwa ilahlekelwe ezinye zezimfanelo zayo zezempilo lapho zigcinwa isikhathi eside.

Izilokazane ezikhathazayo

Ngenxa yokuthi i-broccoli ikhula phakathi nezinyanga zasebusika izilokazane ezikhathazayo zivame ukuba ngaphansi. Noma kunjalo kufanele ukuqapha nokulandela inqubo yokuvikela izitshalo. Ezinye izinambuzane ezivamile ezitholakala zi: i-Bollworm, ama-aphids, i-Root fly, i-diamond-back ne webworm.

Izifo

Izifo ezivame kakhulu i-blackleg,i- black rot, i-downy mildew, i-cubroot, i-soft rot ne-sclerotinia rot.

Translated by Nsika Khoza