Ukuphathwa Kwesitshalo se-Butternut

© Louise Brodie

Ukushintshanisa Izitshalo

Kuhle ukushintshanisa nezinye izitshalo ezifana nezinhlamvu, ama-allium kanye nemifino emihlaza.

Isivuno - amathani ihektha ngalinye

Isilinganiso esiphansi: amathani angu - 15
Isilinganiso sangaphakathi: amathani angu - 20
Okuhle: amathani angu - 30+

Ukuvuna

Ukuvuna kuqala kusukela ezinsukwini ezingaba ngu-90 emva kokutshala kwembewu noma izinsuku ezingaba ngu-30 emva kokubekwa kwezithelo. Ukuvuna lapho isikhumba sangaphandle se-butternut noma ikhasi liqala ukuqina. Ungashiyi i-butternut ukuvuthwa ngokugcwele ngaphambi kokukhetha njengoba lokhu kumisa ukukhiqizwa kwembali futhi kunciphisa isivuno.
Sika noma ususe i-butternut ngengxenye encane yesiqu esinamathiselwe njengoba lokhu kwandisa iskhathi sokugcina. Ungalimazi isikhumba njengoba lokhu kukhuthaza izifo nokubola. Ukuvuna kungaqhubeka cishe inyanga. Abanye abalimi bavumela lesi sitshalo ukuba siqhubeke siqhakaza futhi singavunwa isikhathi eside futhi sithele izitshalo ezimbili ekutshalweni.

Ukugcina

I-Butternut ingagcinwa izinyanga ezintathu emakamelweni anokunyakaza okukhulu kwemoya. Ngaphambi kokugcina izitshalo umzimba kufanele uphulukiswe kahle. Lokhu kwenziwa ensimini cishe izinsuku ezingu-12 uma nje kungekho mvula futhi isimo sezulu sishisa futhi somile noma emakamelweni anokufudumala okufakelwayo ekushiseni okungaba ngu-26°C kanye nomswakama ohambelana no-80%. Ngemuva kokuphulukisa i-butternut, izinga lokushisa lokugcina isikhathi eside kufanele libe u-10°C kuya ku-11°C ngomswakama othile we-70%.

Izilokazane Ezikhathazayo

I-bollworm yaseMelika, isicabucabu esibomvu, i-pumpkin fly, umanqulwana, i-borers, i-aphid, ama-nematodes.

Izifo

I-Anthracnose, I-Downy mildew, I-Fusarium, I-Powdery mildew, I-Leaf spot, I-Sclerotinia, I-Fruit rot, I-Mosaic virus
Kunconywa ukuthi uthole iseluleko esivela kulesi sikhulu esiphezulu sendawo noma umeluleki wamakhemikhali ohlelweni lokuvikela izitshalo zokulawulwa kwezinambuzane nezifo.

Translated by Nsika Khoza