Ukuphathwa Kwapelepele Onoshukela
Ukushintshanisa izitshalo
Shintshanisa nanoma yisiphi isitshalo esingesona i-nightshade esingahlaselwa izilokazane ezikhathazayo nezifo ezifanayo.
Isivuno - amathani ngehektha
Isilinganiso esincane: amathani ayishumi
Isilinganiso sangaphakathi: amathani ayishumi nanhlanu
Isilinganiso esihle: amathani angamashumi amabili kunyuka
Ukuvuna
Ukuvuna upelepele onoshukela kwenziwa ngezandla ukuze ukwazi kusika kahle okushiya cishe u-2 cm wohlanga ku-pelepele. Ukuvuna upelepele oluhlaza kwenziwa kuqala futhi amasonto ambalwa kamuva upelepele ovuthiwe onemibala engavunwa. Upelepele wokucubungula uvunwa ngendlela ngomshini.
Isitoreji
Ngokwezinhloso zokugcinwa, upelepele evuniwe kumele uhlale ngaphansi kokupholisa emazingeni okushisa angama-8 kuya ku-10°C nasesimweni somswakama se-90%. Upelepele akufanele agcinwe izinsuku ezingaphezu kwengu-14, noma ngaphansi kwalezi zimo ezinhle.
Izilokazane ezikhathazayo
Ama-Nematodes, umswenya, i-American Bollworm, ulwembu obomvu, okuhlala emanzini nasemhlabeni ne-Thrips Mite.
Izifo
I-Powdery Mildew, i-Virus Wilt, i-Viral Wilt, i-Phytophthora, i-Bacterial Wilt, i-Botrytis Bacterial Rot ne-Bacterial Spot.
Kunconywa ukuthi uthintane nomeluleki wendawo wamakhemikhali kanye nesiphathimandla sokwandisa uhlelo oluphelele lokuvikela izitshalo.
Translated by Nsika Khoza