uDkt Peter Magubane Nokuvalelwa ngayejwana

© David Meyer-Gollan

Isandla esiqinile sengcindezelo

Olunye usuku olwalujwayelekile ngo June 1969 lwaba ngolwashintsha impilo kasozindaba uDkt Peter Magubane. Isandla esiqinile sengcindezelo sinesankahlo. Akukhona okokuqala ehlukunyezwa ngamaphoyisa, kodwa kulokhu uhudulwe waze wayofika eJele elikhulu lase Pitoli.

Lapho wahlonywa ngemibuzo ephenywa ngamaphoyisa. efuna ngenkani ukuthi awatshele ukuthi uthunywe ngamakhomanisi ukubeka iNingizimu Afrika njengezwe elingenzi kahle. bamenza wama kwizitini ezingazinzile izinsuku nobusuku obuhlanu, uPeter waquleka ngosuku lwesihlanu. Wagcinwa ekuvalelweni kwakhe yedwa kwaze kwaba ngu October 1969, wase ebekwa icala ngaphansi komthetho owawumelene nenhlangano yamakhomanisi.

Ukubekwa kwakhe amacala kwakulokhu kuqhubekile njalo. Ngo February ngonyaka ka 1970, emva kokuba ephumile emacaleni ayebekwe wona, waphinde waboshwa maduzane, wabuyela enkantolo. Baqhubeka ukumgcina ekuvalelweni kwakhe ngayejwana.

Ngo August ka 1970, wabekwa elinye icala futhi ngaphansi womthetho wamavukela mbuso, lokhu kwaphinda futhi ngo March 1971, ngaphansi kwesigaba sesthupha somthetho wamavukelo mbuso. – lokhu kwaholela ukuba bamgcina esinye isikhathi eside. Ekugcineni bamkhulula ngo 1971. uPeter wayichithe ngokugcwele izinsuku ezingu 586 ekuvalelweni engayejwana.

Ungakhohlwa, Kodwa Xolela

Wabe esephoqwa ukuba asule emsebenzini wakhe kwiphephandaba iRand Daily Mail futhi kuthe esamisiwe ukusebenza nokuthwebula ngo 1972, wawaphula loyomthetho wabuyela ejele ezinye izinyanga eziyisithupha. ‘Ngihlawule kakhulu ngokuba umthwebuli zithombe kulelizwe’ esho.

Kuthe umthetho wokumumisa sewudlulelwe isikhathi ngo October 1975 wabuyela emsebenzini wakhe wezindaba ne Rand Daily Mail. Akekho umuntu owayezongimisa ukukhuluma iqiniso! Siyama kancane njengoba echaza ukuthi wayithola kanjani indlela yokuphila evalelwe ngayedwa.

Amandla akhe avela kuNkulunkulu, uyachaza ngokukhululekile, futhi ngangazi ukuthi alukho olubi engangilwenzile ngisho nolulodwa! Konke engangikwenzile kwakungukuthwebula ngekhamera abantwana ababesetshenziswa emaplazini. ‘Uyabuyekeza, ‘Ngangizwa ezinye iziboshwa zihayiza ubusuku bonke, zihlukunyezwa kanzima.

Uma ngake ngacabanga ukuthi imina ngedwa, Ngangizohlanya. Kwangisiza kakhulu ukwazi ukuthi ngangingengedwa owayehlukunyezwa abanye babehlukunyezwa ngaphezu kwami e Robben Island (esiqhingini) begwetshwe udilika jele.

Namhlanje iyindoda ethobekile esheshayo ukuhleka, futhi kucacile ukuthi akabambile amagqubu ukuba agcwalise inhliziyo yakhe. ‘ungakhohlwa, kodwa xolela. Kumele uqhubekele phambili ngempilo yakho.

La ikhona iRobben Island

iRobben Island iyibanganyana nje ukusuka ogwini lwaseKapa. Imaqondana ne Table Bay, iBloubergstrand, iSea Point neCamps Bay, futhi ibonakala...more

iRobben Island: ijele labaningi

Izimo zasesiqhingini ngeminyaka yo 1700 kunzima ukuyibamba kahle ngenxa yokuthi kakukho okwalotshwa phansi kanjalo nemiqopho yezakhiwo, nokh...more