Samango Monkey

Igama

I-Samango Monkey (Cercopithecus albogularis)

Ibonakala kanjani

Ikhonde linesisindo esingaphezulu kwesemazi. Inkunzi isisindo sayo wu-7-9kg kanti esenkomazi wu-4kg kuya ku-5kg. Umsila walesi silwane mude kunomzimba waso. Uboya bayo basekhanda nasemahlombe bungwevu noma bube mnyama. Ubuso bayo, izinyawo, izandla namanye amalungu omzimba angezansi amnyama. Isisu nentamo kunombala ompofu. Amakhala enkunzi makhulu, lokho kwenza amabamba ahlale kahle.

Zidlani

Lesi silwane sithanda izithelo, izinambuzane, izimbali namahlamvu. Ikhonde lidla kakhulu kunezimazi. Lesi silwane uma sizingela ukudla, kubonakala sengathi siqala ngokudla izithelo bese yonke enye into ilandele.

Azalana kanjani

I-Samango monkey inenkathi yokuzala. Imazi iye izale uma kuqala inkathi efudumele, nangenkathi yezimvula. Ichwane elilodwa lizalwa emuva kwezinsuku eziwu-140. Imazi izala ichwane ilincelise kuze kuphele izinyanga ezimbili kuya kwezintathu. Iyeka ukuncelisa emveni kwezinyanga ezisiyisishiyagalolunye. Zonke izinkunzi ziye zifune ukuhlala nezinkomazi uma kuyisikhathi sokuzalisana.

Ziziphatha kanjani

I-Samango monkey inesithembu. Emhlambini ngamunye kuba nenkunzi ephethe izinkomazi, namachwane amancane namadala. Noma kunjalo izinkomazi yizo ezivikela insimu.

Ahlala kanjani

Ahlala emahlathini aKwaZulu-Natali noma kodwa ethanda lapho kuvame izihlahla khona. Lezi zilwane ngeke uzithole emahlathini angaphansi kwamahekthare awu-50 kuya kwawu-100.

Atholakala kuphi

Zigcwele eNingizimu Afrika nasezindaweni eziseduze nolwandle. Ungazithola nase-St Lucia estuary KwaZulu-Natali nasemahlathini e-Afro-montane naseMpumalanga Kapa, nasemahlathini ase-Knysna.