Lesser Bushbaby
Isinkwe Esincane

© Shem Compion

tranInezinzipho ezifana nezabantu, kodwa uzwane lwesibili luhlukile kunelwethu ngoba lona lucijile. Loluzipho iluzebenzisa ekutheni izihlanze ikhanda, noboya obusentanyeni, kunye namadlebe. Iminwe nezinzwane zinesikhumba esiqinile, lokhu kusiza ekutheni zimbambelele kahle ezihlahleni, nasezindaweni ezishelelayo. Umunwe wokukhomba mufushane kunayo yonke iminwe. I-Moholi noma i-Lesser Galago yase miningizimu Afrika ibonakala nge zipho layo lokukama. Isikhumba salesisilwane sinsundu nangwevu. Kodwa emaceleni sivame uku basagolide. Inezimpawu ezinsundu emehlweni.

Ukudla

Idla izinambuzane, no gamu wezihlahla. Sithanda ukukhotha amazolo, namanzi emvula kwimiklamo. Lesilwane sijwayele ukuzala amawele ngaphambi kokuthi kufike isikhathi sezimvula, lokhu kuye kulandelwe yi oestrus. Ukukhulelwa kwe Lesser Bushababy kuthatha izinsuku ezingama 125. Imazi ilala nabalisa aba sithupha nangaphezulu ngesikhathi se oestrus. Ingane zalesilwane zibekwa kwi sidleke, ngenkathi umama wazo esayocinga ukudla. Inkunzi iye ichamele insimu yayo, ukuze ezinye izilwane zazi ukuthi leyondawo ithathiwe.

Ukuziphatha

I-Lesser Bushbaby, yaziwa ngo ososayensi ngokuthi yi Galago Moholi. Lesilwane sincane futhi sihlala ezihlahleni. Ngezinye izinkathi ihamba phansi ngezinyawo zayo zone noma ihambe ngezinyawo zangasemuva kuphela. Indlela lesilwane esiphila ngaso iyafana neye Thick-Tailed Bushbaby. I-Lesser Bushbaby eseyindala ithanda ukuhamba yodwa, kodwa ke iye ihlangane ebusuku neziyenye izilwane, ngaphambi kokuthi ihambe iyolala ntambama. Lesilwane sinendlela zokukhala ezinga phezu kwe 18, lezikhalo zichaza ukuthi zifunani.
Kulezizikhalo kunesomphakathi, esodlame, nesokuzivikela. Lezikhalo zibalulekile ngoba zigcina lezilwane ziphephile. Amehlo eBushbaby akakhoni ukushukuma kwi sokethi (ahlezi egqolozile). Lesilwane sinamadlebe abukhali lapho ke zizwa izinto ziseza kude, nanokuthi ziza ngakuphi. Lesilwane siyashesha, futhi siyakhona ukubamba umfushazana, ne nundu. I-Lesser Bushbaby, iyazithanda kakhulu, kepha iyathanda ukuzihlanza ngaphambi kokuthi ihambe iyozingela.

Ukuhlala

Ithanda ukuhlala kwa ma savannah, woodlands nasehlathini. Isikhathi esiningi lesiwane sitholakala e Limpopo River, lapho ekuhlangana khona imifula i-Marico ne Notwani. Ngoba yisilwane sase mningizimu Afrika, siyakhona ukumelana namazinga aphezulu okushisa.

Zitholakala kuphi

Zitholakala eNamibia, Botswana, Zimbabwe, Mocambique, South Africa nase Swaziland.

Izitha

Lesilwane sidliwa yizikhova, yizinyoka, namakati asendle. Kodwa isitha sayo esikhulu umililo. Lesilwane asikhoni uku hamba umgama omude kepha makukhona umlilo wasendle angekesikhone ukuphepha. Yingakho ke sithanda indawo ezimanzi, futhi ezinotshani olufushane.

Ezithakazelisayo

Abantu abaningi banenkolelo yokuthi lesilwane – esithanda ukuhleka, ukuxoxa senziwa wukuthi sisube sibona inyoka enkulu enezinsiba ezisekhanda ezinemibala yo thingo. Kuthiwa lenyoka ibulala abantu abasondela eduze kwayo ngobavula imbobo ekhanda.

Bushbaby

I-Moholi noma i-Lesser Galago yase miningizimu Afrika ibonakala nge zipho layo lokukama. Isikhumba salesisilwane sinsundu nangwevu. Kodwa em...more