Leopard Orchid

Igama

Leopard Orchid

Igama lesiLatini

Ansellia africana

Incazelo

Lesi yisitshalo ezinezimbali ezingejwayelekile esimila emigodini esematsheni eminye emithi. Izimpande zikhula phezu kwamagantsha kanti lesi sitshalo sikhonze kakhuli ilanga. Izimbali ezinuka kamnandi eziphuzi ziqhakaza ngoNcwaba kuya kuMandulo. Kokunye lezi zimbali ziba namabala amakhulu ansundu.

Indawo ekhula kuyo

I-Leopard Orchid eduze kwemifula ezindaweni ezishisayo eNingizimu Afrika njengaseLimpopo, Mpumalanga naKwaZulu-Natal. E-Afrika lesi sitshalo sitholakala emazweni amaphakarhi nezwekazi okubala kuwo inyakatho yeNamibia, Botswana naseSwaziland.

Olunye ulwazi

Uvemvane lwasebusuku i-Hawk moths ludla izimbali zalesi sitshalo. Izimpande zaso zakhiwe ngendlela yokuthi sikwazi ukuphila phezu kwezinye izintshalo ngaphandle komhlabathi. I-Leopard Orchid iyasetshenziswa ukwenza umuthi wentando nokuxosha amaphupho amabi. Emakhaya lesi sitshalo sisetshenziswa njengesibethelo sokuvimba umphezulu.