Verreaux's Eagle Owl

© Shem Compion
Giant Eagle Owl.

Ukubukeka

I-giant eagle owl, yisona sikhova esikhulu kunazo zonke ezweni futhi kulula ukusibona. Ngokombala singwevu, futhi ngathi simpisholo ngenhla. Ubuso buyakhanya kanti amehlo anemigqa emnyama. Uma ngabe usibukela kude ijwabu leso libonakala ngathi liphinki, lokhu kwenza kube lula ukwazi ukuthi ubona uhlobo luni lwesikhovao. Lesi sikhova sifana ncamashi ne-long rared owl. I-eagle owl yona ingumbala wesihlabathi, futhi ibuye ibe nsundu nangwevu ngaphansi kanti nekhanda lingwevu. Lesi si khova sinomlomo oqinile, futhi sinamehlo angumbala wewolintshi. Ngesinye isikhathi kubonakala ngathi sisagolide. Sinama-tufts aqala emadlebeni aphelele emehlweni. Zonke izikhova zinezinyawo ezinamandla namazipho amade.

Ukudla

Isikhathi esiningi sidla izinyoni ezifana ne-guinea fowl, nezilwane ezincane ezifana namagundane. Isikhova sithanda kakhulu ukudla ama-scrub hare. Sibonakala kakhulu kusihlwa nasekuseni. Sidla izinto eziningi. Ngesinye isikhathi sibonakala sidla izilwane ezinga ngama-vervet monkeys, nezinyoni okuthiwa ngama-secretary, kodwa futhi nama-hedgehogs ziya wadla uma etholakala.

Ukuzalela amaqanda

Sizalela amaqanda ukusukela ngoNdasa kuyo kuMandulo. Sizalela amaqanda amabili ngesikhathi kanti bobabili abazali bagada amaqanda izinsuku ezingama-39.

Ukuziphatha

Zithanda ukuhamba zodwa noma ngambili. Izikhova zibonakala kakhulu enyakatho neKwaZulu-Natali. Zihlala ezihlahleni. Uma zikhala kuzwakala sengathi zithi ‘hyru hyru hoo’. Izikhova kazijwayele ukuzingela entambama, zithanda ukuhlala ezihlahleni ezinkulu ezinomthunzi.

Ukuhlala

Zithanda ukuhlala endaweni enezihlahla nakuma-savanna.

Zitholakala kuphi

Ziyabonakala ezindaweni ezinjengoBotswana, Zimbabwe, Namibia, Mozambique naseNingizimu Afrika.