Clairette Blanche

Incazelo

Lamagilebhisi ubudala bawo busukela kwiminyaka engama 1500s. Ayetshalwa kakhulu eNingizimu ye France, lapho kwakwenziwa ngawo iwayini ekhazimulayo.

Umsuka

France

Amanye Amagama

Leligama elithi Clairette Blanche lichaza ukuthi “okumhlophe okukhanyayo”. Kunama gama angaphezu kwamashumi asithandathu anesishakalolunye (69) ebizwa ngayo i-Clairette Blanche. Futhi yaziwa ngokuthi yi Blanquette, Extra, Piquepoul noma i-Clairette. I-Bourboulenc yinhlobo ehlukile kodwa isebenzisa amagama anjengo Clairette noma Clairette Blanche.

Ukukhiqizwa eNingizumu Afrika

La eNingizimu Afrika lamagilebhisi aqala ukutshalwa ngo nyaka wama 1906, ngalesosikhathi ayetshalwa eGroot Drakenstein. Amahektare angaphezu kwamashumi amathathu anesihlanu (35) eClairette Blanche asuswa eNingizimu Afrika ngo 2016. Manje kushiyeke amahektare alinganiselwa ku 195, lama hektare atholakala kwizindawo ezifudumelo ezinje ngo Worcester (88ha), Paarl (34ha) ne Robertson (33ha).

Ukukhula

I-Clairette Blanche ikhula iqondile futhi inamahlumela azacile angakwazi ukumelana nomoya. Kuyakwazeka ukuthi itshalwe njengo mvini wesihlahla noma i-trellis futhi ikhula kahle kumhlaba obumile nakwizindawo ezipholile.
I-Clairette Blanche ayizwani nohlaka (amaqabunga aye awe) bese idinge ukuchelelwa. Ngesikhathi sokuvunwa amathoni ali 16-18 ayaphuma kwi hektare eyodwa, futhi kumele ivunwe mangabe izinga lokushisa lingu 19-21 i-balling. Lokhu yikho okuchazayo ukuthi amagilebhisi azobanoshukela ongakanani masele evuniwe.

Ukuvuthwa

I-Clairette Blanche ivutha makuphela uMashi emuveni kwamasonto amathathu i-Chenin Blanc ivuniwe.

Amajikijolo

Makhulu futhi anamakhasi aqinile.

Izinambuzane Nezifo

I-Clairette Blanche ayizwani nesikhutha ne bhektheriya futhi ayikwazi ukumelana ne anthracnose kunye ne oidium. Ngenxa yokuthi inamahlumela axekethekile, lokhu kuyenza imelane nokubola okumuncu ne botrytis.

Ukusetshenziswa

Amagilebhisi ayashesha ukubamadala kepha akhiqiza amawayini ano asidi osezansi notshwala obuphezulu. Ngaphambili i-Clairette Blanche kwakwenziwa ngayo iwayini ekhazimulayo manje isikhathi eningi kuxutshwa ngayo. Mangabe ivunwe isancane ifakwe emigqomeni yokuvutshwa iyanambitheka (richer mouthfeel).

Ukunambitheka

I-Clairette Blanche akujwayelekile ukuthi kwenziwe ngayo inhlobo eyodwa yewayini. Ngensinye isikhathi kwenziwa ngayo iwayini ekhanyayo exutshwa namanye ukuze ikhiphe iphunga le lime, uphayinaphu, ipulamu eliluhlaza, noma i-lemongrass. Ngesinye isikhathi lamagilebhisi kuthiwa yi “flabby” Clairette Blanche. Abonoku khiqiza iphunga lezimbali mahlawumbi ele rose petal, noma izithelo ezinatshe.

Translated by Nwabisa Ngumbela