I-Butternut

© Louise Brodie
Igama lesayensi: Cucurbita Moschata
Igama elivamile: i-Butternut

Incazelo Yesitshalo

Ama-butternut azingxenye zomndeni we-cucurbit wemifino. Amanye ama-cucurbits afaka igawu, ukhukhamba namathanga. Zikhula zihleli phansi futhi iziqu kanye namagatsha zikhula zibe izivini. Lesi sitshalo sinamaqabunga amakhulu. Lesi sitshalo i-monoecious, okusho ukuthi izimbali zombili zesilisa nezinsikazi zakha phezu kwesitshalo. Izimbali zabesifazane ezithela izithelo zikhulu kunezimbali zesilisa ezingatheli izithelo. Isithelosime njenge silinda kanye nokugoba ekugcineni.

Ukusetshenziswa

Izithelo ezivuthiwe ze-butternut zingadliwa zosiwe, ziphekwe futhi zihlanjululwe ngesobho noma zicutshungulwe futhi zifakwe ibhodlela noma zenziwe emathinini. Umthombo omuhle wenxoza, onomsoco futhi ucebile ngeCalcium, i-Vitamin A, C no-E. Amaqabunga nezimbali nazo zingadliwa njengemifino zodwa noma zihlangene nezinye imifino noma amaprotheni.

Izidingo Zomhlabathi Nokulungiselela

Ama-butternuts, njengamanye ama-cucurbits, afuna umhlabathi wefenya onezinga eliphezulu lezinto zomvelo. I-pH yomhlabathi kufanele ibe phakathi kuka-6 no-6.8. Uma inhlabathi ine esidi kakhulu, engeza ilayimu emhlabathini ngaphambi kokulima kokuqala kwensimu.
Qala ukulungiselela emasontweni ayisithupha ngaphambi kokutshala kwakho okuhlosiwe. Uma kukhona ukuhlanganiswa emhlabathini, kuyaphakanyiswa ukuthi insimu idwenguliwe nomhlabathi wangaphansi ukukhipha ukuhlanganiswa. Inhlabathi itshalwa ku-300mm kuya ku-400 mm ukujula kumquba kanye nelayimu. Kungcono ukulima kabili ukuxuba kahle inhlabathi. Ukulima kwesibili kungenziwa ngezinga elihlukile kuya kokuqala. Dweba ngehhala phezu kwensimu ukuze uphule noma yikuphi emhlabathini futhi ulinganise ubuso.
Lokhu kusiza futhi ukusula noma yikuphi ukungcola kokhula kusuka ensimini. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokutshala, ungahhala insimu ukuze iphinde ihlanzwe ukhula okungenzeka ukuthi luqale ukukhula phezulu. Ngemuva kwalokhu lezi zindla zezitshalo zingahle zigcwale futhi zihlanjululwe noma zibekwe phansi ukuze zilungiselele umbhede lapho imbewu ye-butternut izotshalwa khona.

Isimo sezulu

I-Butternut isitshalo esithanda isimo sezulu esishisayo, ngakho-ke ukuhlwanyela kugxila entwasahlobo nasezinyangeni zasehlobo zakuqala. ENingizimu Afrika lokhu kuvela ngo-Agasti kuya kuDisemba. Lesi sitshalo sizwela kakhulu kwiqhwa kanye nezikhathi ezide zokushisa ezingaphansi kwe-4°C zingabulala izitshalo.
Uma nje isikhathi sokukhula sesitshalo se-butternut singapheli izinsuku eziningi kakhulu zamazinga okushisa angaphezu kwama-35°C (lokhu kwandisa ukwakhiwa kwezimbali zesilisa ezingatheli izithelo) noma amazinga okushisa angaphansi kuka-12°C (lokhu kunciphisa noma kumise ngisho nokukhula nokuthuthukiswa ), i-butternut ingatshala kusukela ekuqaleni kukaJulayi kuze kube sekupheleni kukaFebhuwari.
Ukushisa okungcono kokuhluma kungama- 20°C kuya ku-30°C kanti izinga lokushisa eliphakeme kakhulu lingama-22°C kuya ku-32°C emini ngesikhathi sebusuku isikhathi sokushisa singekho ngaphansi kuka-16°C.

Izilimo

I-Apollo, I-Arela, I-Atlas, I-Carmela, I-Cosmos, I-Pilgrim, I-Pluto, I-Sheba, I-Titan, ne-Waltham izinhlobo ezihlukahlukene zama-butternut. Kukhona nezinhlobo ezintsha zezinhlobo ze-butternut ezifana noBarbara abangena emakethe.

Translated by Nsika Khoza