Butterflyfish

© Johan Boshoff

Igama Elijwayelekile

I-Butterflyfish

Ehlobene Nazo

Azikho

Igama Lesayensi

I-Chaetodontidae

Ubukhulu

Ubude bufinyelela ku-25 cm.

Ibonakala Ngani

Ithi ayifane neqanda, nomzimba omncanyana. InezigwedlO ezinde ezisesifubeni. Izigwedlo zayo eziyindilinga zisemsileni. Amakhala ayalenga namazinyo sengathi ayiziboya zebhelashi. Inemibala ehehayo. Ezinye zinolayini emzimbeni. Iningi lazo zinemibala egqungqile enqamula emehlweni.

Ulwazi Olubalulekile

Umndeni weChaetodontidae unamalungu ayishumi bese kuba nezifana nayo eziwu-114. Zitholakala kakhulu ematsheni. Zidla emini. Zihamba amabanga amade zisuka emakhaya zifuna ukudla. Ziheha ukudla ngemibala echazanayo. Ezinye zihamba ngamaqembu kanti ezinye zihamba ngambili.

Zidlani

Zidla izilwanyana ezingenamathambo, amaqanda ezinhlazi nokhula lwasolwandle. Ezinye zidla onoshobishobi kuphela. Ezinye ezincane zihlanza ezinye ngokuthi zidle izilokozane ezihlala kwezinye.

Zizalana Kanjani

Zizalana kunoma yimaphi amazinga okushisa kwezulu ezilwandle zomhlaba.

Izinhlobo Zazo

I-Golden butterflyfish
I-Chaetodon semilarvatus
I-Raccoon butterflyfish
I-Chaetodon fasciatus
I-Coachman
I-Heniochus acuminatus