African Green Pigeon

© Nigel J Dennis
African Green Pigeon.

Igama

Green Pigeon (Treron calva)

Ukubukeka

Ngenhla leli juba libonakala ngathi lingumbala oluhlaza satshani ohlangene nombala ongwevu. Amathanga namaphiko ayi a-mauve umbala. Izimpaphe zale nyoni eziluhlaza njengotshani ziyenza ingabonakali uma ihlezi phezulu ezihlahleni. Inomlomo obomvu omphophe phambili. Izinyawo nazo zibomvu.

Ukudla

Idla izithelo, ikakhulukazi ama-figs.

Ukuzalela amaqanda

Ama-green pigeon avame ukuzalela amaqanda kusukela kuNhlaba kuze kube wuNhlolanja. Aye akhe zidleke ngezinti namahlamvu futhi akhela ezihlahleni ezinamhlamvu amaningi. Zizalela iqanda elilodwa noma amabili ngesikhathi.
Amachwane abonakala emuva kwezi nsuku eziyi-13. Inyoni eyinkunzi yiyo eye iphinde iyocinga izinti bese iziletha esidlekeni. Insikazi yiyo ekhetha indawo lapho efuna kwakhiwe khona isidleke. Lezi zinyoni ziyabambisana kanti akujwayelekile ukubona i-pigeon ihamba yodwa.

Ukuziphatha

Yizinyoni ezingenamahloni, futhi ungazithola zingamaqembu amancane. Zidlela ezihlahleni, futhi zibhabhazelisa amaphiko ukuze zibhalanse kahle. Ukundiza kwayo kuyashesha futhi kuqondile.

Ukuhlala

Kuma-woodland, ikakhulukazi ezindaweni eziseduze komfula.

Zitholakala kuphi

Ama- green pigeons atholakala eZimbabwe, enyakatho-mpumalanga neBotswana, enyakatho yeNamibia, eNozambique, eNorthern Cape naseMpumalanga eNingizimu Afrika.