Abalandeli baNelson Mandela Babhikishela Ukukhululwa Kwakhe

© Dr Peter Magubane
“Khulula uMandela”
Ngesikhathi uMandela eboshiwe eRobben Island, Abantu abaningi abayizakhamizi baseNingizimu Afrika bamemezela ukuba makakhululwe, bahlela amamashi kanye namarali ukubhikishela ukumelana nokuboshwa kwakhe. Izixuku ezinkulu zabebeqhamuka kuzona zonke izingxenye zelizwe babeza kulemibhikisho ukuzohlonipha uMandela bese befuna nokuba akhululwe.
Abafundi baseNyuvesi yase Cape Town (eKapa) babuya babamba imibhikisho enokuthula yokuba kukhululwe uMadiba. Abantu bezinhlanga zonke nokwahlukana kwamasiko abo babhikisha belwa nombuso wobandlululo kanye nokuqiniswa kwemithetho yabo ukuba abantu bacwaswe ngokwebala. Esithombeni iqenjana lababhikishi, besho behuba iziqubolo “Khulula uMandela!” bevayizisa phezulu izingqwembe ezazinemibala ye ANC kanye nobuso bakhe kuzo bona befingqe ingqindi beyiphakamisele phezulu ukubingelelana kwabasemzabalazweni. Inqindi efingqiwe yaphakanyiswa phezulu yabe iluphawu olubonisa amandla nobunye ngesikhathi seminyaka yomzabalazo.

“Alikho ilizwe elingathuthuka ngowempela ngaphandle kokuba abantu balo bafunde.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more