Amamashi ayethi “Makukhululwe uMandela” Abafundi

© Dr Peter Magubane
Abafundi baseNyuvesi yase Kapa (UCT) bebambe ingxenye komunye wemikhankaso eminingi eyayithi ‘Makukhululwe uMandela’ eyabanjwa ngama 1980s.
Amamashi abafundi ayethi “Makukhululwe uMandela” ayebanjwe eNyuvesi yaseKapa (UCT) ngeminyaka yama 1980s ayeyingxenye ebalulekile womazabalazo wenkululeko eNingizimu Afrika, babebhikishela ukuvalelwa kwesiboshwa sezepolitiki uNelson Mandela eRobben Island. Abafundi base UCT beza bahlangana ndawonye ngale kokuthi bangobabuphi ubuhlanga nokuhlukana kwamasiko abo ukumemezela ukuba makusingathwe inkululeko nokulingana kwabobonke.
i-UCT yayaziwa njengenyuvesi evulelekile ngesikhathi sobandlululo, yayemukela amafundi abamnyama ukuba bafunde kuyo futhi yayiwushaya indiva umthetho wokubahlukanisa ngamaqembu obuhlanga (Group Area Acts) ngokubavumela ukuba nabo bahlale emadomi (ezindlini zabafundi) ngaphakathi ekhampasini. Abafundi base UCT bamelana kakhulu nowayengu ngqongqoshe wabaphethe umbuso wezwe uPW Botha, Imithetho yakhe yengcindezelo kanye nesimo esase singalawuleki esimaxwembu iNingizimu Afrika eyayikuso. Abafundi ababeqhamuka kuzona zonke izinhlanga, ukwehlukana kwamasiko babehlangana ezitebhisini zenyuvesi bese ngokuthula babhikishele ubandlululo, imithetho yengcindezelo kanye nokuboshwa kukaMandela.
bazame ukuzivikela ekuthelweni induku ngezimvumbu behlakazwa ngamaphoyisa uma efika endaweni lapho bebhikishela khona. Ezikhathini eziningi lamamashi ayehlelwe ukuthi abe nokuthula abonise esidlangalaleni inkolelo yabafundi kwinkululeko, amalungelo alinganayo nokuqedwa kobandlululo.

“Khohlwa imuva.” ~ Nelson Mandela

Mandela 100 - Mandela: A Man of Principle

U Brenda Fasi owayaziwa ngelika 'MaBrr' owayeno mculo ohlukile ekwazi nokujika noma yini ayenze iculo. Waye dume kakhulu ngokuthi adansise o...more

Mandela 100 - The Charm of Mandela

U Nelson Mandela wabuyela ekhaya emva koku phuma e jele ngo 1990. U Nelson wakhulela e 8115 e Vilakazi Street esaya jikwa kwaba indlu yombuk...more

Mandela 100 - The Fight for Freedom

uMandela wayethandwa kakhulu ngabalandeli bakhe futhi wayeyinkomba yenkululeko yabo bonke....more

Mandela 100 - The Mandela Legacy

Ngo 1991, uMandela wamukeliswa ukuba ahlonishwe njengoDokotela inyuvesi yase Witwatersrand eGoli ngokuzinikela kwakhe ezibophezela ezweni no...more