Ukulawula Ikhanophi

© Louise Brodie
Ukulawula ikhanophi inqubo lapho amakhaba ahlumayo omvini kanye namaqabunga elawulwa ngendlela yokuthi kutholakale umkhiqizo omuhle noseqophelweni elihle lamawayini anhlobonhlobo. Izizathu zokulawula ikhanophi:
Ukuqinisekisa ukuthi kukhona amaqabunga anele.
Ukuqinisekisa ukuthi amaqabunga avulelekile ngokwanele ukuthola ilanga futhi akukho umthunzi omuningi ngaphakathi komvini.
Ukuqinisekisa ukuthi amakhaba ahlumayo angathelile awakhuli aze adlule izigaxa eziqukathayo.
Ukumisa ukukhula kwesitshalo ngokusilungisisa ukuze konke ukudla namanzi kuzokwehlela kwisigaxa esiqukethe.
Ukuqinisekisa ukuthi umoya uyaphephethela ngakumakhaba ahlumayo nakumaqabunga ukuze amaqabunga ezoshesha ukoma futhi angabi nezifo zokukhunta.
Ukuze amaqabunga akwazi ukufothosintesisi (ukuguqula amandla awathola kwimisebe yelanga abengamandla okuphilisa izitshalo), kuhle ukuthi avuleleke akwazi ukuthola ilanga. Uma ikhanophi yezinti inkulu kakhulu lincane kakhulu ilanga elikwazi ukungena kumaqabunga bese lokhu kuthambise umsebenzi wawo. Amaqabunga aphuzi angaphakathi ayinkomba ukuthi lincane ilanga elingenayo kanti lokhu kwehlisa izinga lomkhiqizo wesivini. Ukulawula okuhle ikhanophi kwenza imivini ithele kakhulu izithelo ukuze isivuno saminyaka yonke sizobasihle.
Kusukela ngo November kuya ku December ukushisha nokukhana kwelanga kumahlumela kubalulekile kakhulu ukuze ezokwakha izimbali ezingamaqoqo ngonyaka olandelayo wesivuno. Ukulawulwa okwanele kwe khanophi kukhuliza isimo sezulu esincane ngaphakathi komvini. Ukukhanya okwanele kanye nomoya kumele kubekhona ngoba umvini osindayo uhlala umanzi isikhathi eside futhi ungagcina usuthola ezinye eziningi izifo zokukhunta.

Izindlela Zokulawula iKhanophi

Ukusabalala nekhanda ukususwa kwawo wonke amakhaba ahlumayo angadingeki kwi khanophi enemivini eqeqeshwa ekhanda layo. Kungezeka kube iwona wonke amakhaba ahlumayo angawaqukathi amagilebhisi, ihlumela liqhuma kwisiqu, isinqamu noma kumakhaba ahlumayo ahluma ngakwizigaxa ezithwalayo. Ukususa amakhaba ahlumayo kwenza umoya ungene uphume, kwandisa amathuba okuthola ilanga kwikhanophi futhi umsoco omuningi usalele amakhaba amanye akhona ahlumayo.
Lamakhaba ahlumayo adonswayo alahlwe, kuvamisile ukuthi awatheli, ngoba akheka okhunini oseluludala ngaphezu konyaka. Okunye, amakhaba angamaxhumela ahlumayo kumvini enza ikhanophi isindelwe okungabangela ukungatheli. Ukusabalala kumuncwe ekhandeni kwenzeka kwizikhazu ezimbalwa. Emva kokuba ihlumela seliqhumela lapho amakhaba ahlumayo esesku 2-5cm ubude, ukumisa amahlumela ukuhluma kuyenziwa ukuze kususe konke ukuvuvuka okungadikali kwamahlumela kanye nakumakhaba asahluma amancane kumvini.
Okwesibili wonke amakhaba ahlumayo aphakathi kwezigaxa eziqukathayo ayasabalaliswa, ngaphandle uma isigaxa esiqukathayo esinye kumele sakheke. Okwesithathu ukusabalalisa ngokumunca kwenziwa uma amakhaba ahlumayo kwisigaxa esiqukathayo sesicishe sibe ngu 15 cm ubude. Ngemuva kwalakho kusuke sekusele kuphela amabili kuya kwamathathu amakhaba ahlumamayo asanamathele kwisigaxa esiqukethe.
Tipping ukunquntula ususe kwisihloko samakhaba asahluma (2-5 cm) lokhu kwenziwa ngesandla kuze kuphele inkathi.
Topping ukunqunta ususe amakhaba asahluma ngo 15-25 cm. kwisivini esiqinile nesikhula ngamandla ungaze ufike ku 60cm unquntule ngaphambili kwekhaba elihlumayo ukuze uvule umugqa wesivini. Lokhu kuvamise ukwenziwa ngemishini.
Ukuwabekela futhi amakhana ahlumayo ilapho abasebenzi bephusha amakhaba ahlumayo akhula ngaphandle kwezinti zekhanophi bawafake phakathi kwezinti futhi bese bewadonsa bawancikise nothango lwesiheliso. Ukuvuthulula ukususa amaqabunga ukuze kungene imisebe yelanga kwikhanophi esindelwayo futhi ukukhanya okuningi okungenayo kusho ukuthi ne ukufothosintesisi (ukuguqula amandla awathola kwimisebe yelanga abengamandla okuphilisa izitshalo) izokwanda. eNingizimu Afrika amagilebhisi kumele abengemuva kweleya elilodwa lamaqabunga. Ukukhanya kwelanga kuyadingeka kakhulu kumakhaba ahlumayo akhulela kwisizinda ukuze ezothela. Ikhanophi isuke ivulelekile emoyeni uma amaqabunga esusiswe futhi lokhu kuqinisekisa Indlela enhle yokuvikela izifo.
Amaqabunga engathi angasuswa kusaqala inkathi, emva nje kokuba eseqhakambile uma kusadingakala okunye ukukhanya kwelanga kumagilebhisi. Konke lokhu kuqinisekisa ukuthi amaqabunga ayambozeka emva kwesikhathi lapho sekufike inkathi eshisayo. Ukuvuthulula kwenziwa kuqala kwizigaxa eziqukethe izithelo. Lapho ukushiswa ilanga kungacekela phansi, amaqabunga kumele asuswe eceleni lapho ilanga likhanya ngakhona ekuseni.
Ukulawula izitshalo zesivini ukususa izigaxa eziqukethe amagilebhisi ukuze uvikele ukuthwala okosindayo kumakhaba ahlumayo asemancane nantekenteke, lokhu kuvikela ukushoda kombala kukhulise nokwakheka kwamagilebhisi amancane, ukuze ukhiqize amagilebhisi aseqophelweni nezinga eliphezulu, ngesinye isikhathi kuhle ukuthi ususe ezinye zezigaxa azithwalayo eseziningi, nokhoke, kumele kuhlolisiwe kubhekwe ukuthi lingakanani inani lamaqoqo ezigaxa okumele zisuswe. Lokhu kuthinta kakhulu kumagilebhisi okukhiqiza izinhlobonhlobo zamawayini abomvu.

Translated by Nokubonga Guliwe