Izifo Zamabhaktheriya nezifo zama Virusi

© Vitiec Winetech
I-crown gall (iqhubu emthini elibangwa izilokazane) yisifo esivamile kakhul samabhaktheriya esihlasela izihlahla zamagrebhisi futhi kwenzeka ngokuvamile njalo emivini emfuleni u-Olifants nangezansi e-Orange River. Izimpawu zalesi sifo amaqhubu abonakala esiqwini eduze komhlabathi. Ama-qhubu aphuzi kanye nokuqhekeka kuvela emagqumeni ngokuvamile eduze kwemihlumela. Kamuva amaqhubu aphenduka obomvu.
Amaqhubu asatshalaliswa ngamanzi kanye nezixhobo zasemapulazini. Alawulwa ngokusebenzisa izinto ezibhalisiwe ezitshalweni ezithole ukwelashwa kwamanzi ashisayo. Amaqhubu angabuye aphulwe ngemva kwalokho amanxeba kufanele aphathwe ngethusi.
Izifo zamavirusi zingatholakala kunoma yisiphi isifunda esikhulayo sewayini futhi kwenzeka ukuthi kuncike kwisimo segciwane lesitshalo. Isitshalo singavikeleka kwivirusi ngokwelashwa kokushisa. Ukulawulwa ngamakhemikhali akunakwenzeka, kodwa kuyadingeka ukulawula imbungulu yomvini njengoba isakaza lesi sifo emvini.

Isifo Semiqulu Samaqabunga omvini

Isifo samaqabunga omvini sijwayelekile kabanzi emasimini e-Cabernet, Merlot neChardonnay, kodwa izinhlobo ezimhlophe iCape Riesling neSemillon nazo ziyakwazi ukuthola lesi sifo. Akunazimpawu ezibonakala ngesikhathi sehlobo, kodwa kusukela ngoLwezi, amaqabunga ama-Cultivars abomvu angaba obomvu futhi agoqane.
Noma kunjalo, imisipha ihlala iluhlaza. Emasimini ama-Cultivars amhlophe izimpawu azibonakali kangako kodwa amaqabunga abuye agoqeke phansi. Kubalulekile ukulawula izintuthwane nezimbungulu zamagrebhisi ngoba zifaka isandla ekusakazeni igciwane lemiqulu. Kufanele kubenomgncele phakathi kwemvini enesifo naleyo engenasifo futhi amathuluzi nezixhobo kufanele zihlanjululwe lapho zihamba phakathi kwezivini.

Isifo seShiraz

Isifo seShiraz sivela ku-Merlot, i-Shiraz, i-Macbec ne-Gamay futhi kubangelwa 'igciwane lamagilebhisi A'. Lesi sifo siphinde sibonwe kwi-Viognier. Kungabhekwa njengorabha, ojulukayo nezithelo ezingavuthwa ngokulinganayo uma kuhhluma.Amagilebhisi mancane kunokujwayelekile noma angabikhona. Amaqabunga nemisipha anemibala eluhlaza okwesibhakabhaka futhi amaqabunga abuye awe ngokuphuza kakhulu.
Akukho ukwelashwa kwalesi sifo futhi imivini ngokuvamile ifa eminyakeni engaphansi kwemihlanu kuya kwemihlanu. Isakazeka ngokwemvelo ngokusebenzisa isivini, kodwa imbungulu zomvini futhi isici ekusakazweni kwesifo seShiraz. Ucwaningo luye lwakhombisa ukuthi lesi sifo singasuswa ngokushisa isitshalo sokuqala. Imivini ethintekile isuswe futhi ishiswe.

Ezinye Izifo

Kukhona nezinye izifo eziningi kanye nenye esanda kutholakala emivini i-Aster Yellows. I-Chardonnay kakhulukazi izwela kakhulu kule sifo. Izimpawu ze 'Aster Yellows' amaqabunga ashwabene ekuqaleni kwenkathi.Amaqabunga ama-cultivars amhlophe aphenduka abe amaqabunga aphuzi futhi ama-Cultivars abomvu aphenduka abe bomvu okungacacile. Amaqabunga ajiyile kunokujwayelekile,mpoqompoqo, futhi agoqeke phansi. Amahlumela aneziqu ezincane zokukhula nokukhula okukhubazekile.
Lesi yisifo esibi kakhulu futhi ngenhlanhla, kwenzeka kuphela ezindaweni ezimbalwa, ngakho-ke kubaluleke kakhulu ukubika noma yiziphi izimpawu ezingavamile emvini ku-VinPro. Ucwaningo lwesandulela lubonisa ukuthi lungadluliselwa iziqhwagi zamaqhabunga. Amaqabunga anesifo kufanele asuswe futhi ngemva kwenkathi umvini wonke kufanele ususwe nezimpande nakho konke.

Translated by Nsika Khoza