Brown Hyena
Impisi Ensundu

© Karl Svendsen

Igama

Impisi ensundu [Hyaena brunnea]

Ibonakala Kanjani

Lesi silwane sinamadlebe acijile nemilenze enemigqa sinesikhumba esinsundu ngokushubile noma ngokuphaphathekile, amahlombe nomqala okumhlophe. Siwu-800mm emahlombe kanti siwu-40kg isisindo. Umhlwenga waso mude usakhilimu. Inhloko nomqala kumpunga, imilenze igqize ngokunsundu nokumpunga.

Zidlani

Impisi ensundu idla inyama kodwa isikwazi nokudla ukudla okusale kwezinye izilwane, kodwa idla nezinambuzane, amaqanda ezinyoni nezithelo zasendle kanti ike ibulale nezinye izilwane ezincane.
Impisi ensundu idla izilwane ezisale kwezinye izilwane nezilwane ezinkulu ezidla utshani ezibulewe ngezinye izilwane. Imihlathi namazinyo azo azenza zikwazi ukuqephula amathambo amade, ukuze zizitike ngomnkantsha ophakathi.

Zizalana Kanjani

Izimpisi ezinsundu azinasikhathi sokuzala kanti zimitha izinsuku eziwu-90. Izinjakazi zizala umdlwane owodwa noma emine. Imidlwane iyanceliswa kuze kuphele unyaka noma kufike ezinyangeni eziwu-18. Incela ubisi, idle nenyama kusukela inezinyanga ezintathu. Imidlwane izalwa inombala ofana nokanina, ikhule ngokugcwele lapho isinezinyanga eziwu-30 khona.

Iphila Kanjani

Ziyizilwane ezingomahambayedwa, eziphila ebusuku ngoba emini zilala esikhotheni noma emigodini yesambane. Impisi ensundu ihlala emihlambini emincane, enalezo ezikhwelayo nemidlwane noma imihlambi yamachalaha nezinjakazi eziningi. Umhlambi uyabambisana ukuvikela indawo ohlala kuyo, kodwa awuzingeli ndawonye.

Zihlala Kuphi

ENingizimu Afrika zitholakala ezimfundeni eziseningizimu, amahlathini, ezinkangala nasogwadule. Zandile entshonalanga-nyakatho yasePitoli ezintabeni zaseMagaliesberg. Izimpisi ezinsundu zivamile ukubonakala oGwini olugudle iNamibia ne-Angola, lapho zidla khona izinsalela ezihlanzwe yi-Atlantic Ocean. Ziyazigwema izindawo ezinezimpisi ezinamabala, phecelezi i-spotted Hyena.

Ukukhomba Impisi Ensundu

Impisi ensundu (i-Hyena brunnea) ibizwa nangokuthi i-strandwolf - igama lesiBhunu elisho "imbuzi yelwandle" lapho ihunyushwa ngokuqondile ng...more