Wazalwa ngo-28 Nhlangulana 1942, eCofimvaba Transkei engu Martin Thembisile Hani washintsha igama lakhe waba uChris, ngenxa yokuthi wayefunwa njengomshushisi olwa nobandlululo. Ngo-1957 uChris Hani wajoyina i-African National Congress Youth League (ANCYL), futhi wayesebenza ezindaweni zaseMpumalanga naseWestern Cape ngaphambi kokushiya iNingizimu Afrika njengodingisiweyo ngo-1962, ehlala eBotswana naseZambia. Ngo-1973 wangena ngasese eNingizimu Afrika futhi wenza isisekelo sakhe eLesotho. Ngo-1974 waba yilungu le-ANC NEC.
Phakathi nonyaka ka-1982, ngemuva kokuzama ukubulawa inkathi eziningana njengoba eseyiPhini likaMengameli woMkhonto weSizwe (MK), iphiko elihlomile le-ANC, uHani wasuka waya eLusaka, eZambia. Ngomnyaka ka-1987, waba yiNduna yabaSebenzi kuMK njalo ngo-1991 uHani waba nguNobhala Jikelele we-South African Communist Party (SACP). UChris Hani wabulawa ngo-Mbasa 10, 1993, ngaphandle kwekhaya lakhe eBoksburg.
UChris Hani noMadiba babe nobuhlobo obude nowaseduze. Njengoba kuboniswe ngalesi sithombe uNelson Mandela ukhuluma noChris Hani emhlanganweni we-African National Congress (ANC) eThekwini ngo-1990.
“Akukho ukushisekela okungatholakala ngokuthi wena uzibukele phansi ukuvumela ukuphila impilo engaphansi kwalena obungakwazi ukuyiphila.” ~Nelson Mandela