Umsebenzi kaPeter Magubane

© David Meyer-Gollan

Ungumthwebuli wezithombe osemthethweni ka Nelson Mandela

Washaywa ikhala lakhe laphuka ngamaphoyisa obandlululo. Bamdubula ngezinhlamvu zokuzingela, waboshwa kaninginingi, wavalelwa izinsuku ezingu 586 – isikhathi eside kunazozonke esasaziwa egcinwe eginjini yedwa, wavinjelwa ukusebenza imiyaka eyisihlanu.

uPeter Magubane ngenye yamadoda aseNingizimu Afrika ebungazwayo njengomthwebulizithombe wanyathela kukho konke lokhu.

Useke wabamba waphinde washicilela izigameko ezinkulu zomlando wemizuzu wokwakwenzeka eNingizimu Afrika kusukela kwimashi yabesifazane belibangise ePitoli, kuya kwicala lase Rivoniya kanye nesibhicongo sase Sharpville, umbhikishi wango June 16, 1976 emva kwesikhathi, kwaba ukukhululwa kuka Nelson Mandela.

Waba nokuhlonipheka bokuqokwa njengomthwebuli wezithombe osemthethweni ka Nelson Mandela waphinda wathwebula impilo yakhe esekhululiwe.

uMagubane wayekwenze isibopho sempilo yakhe ukusebenzisa ikhamera yakhe ukuthwebula abambe konke okungumlando aphinde aveze ukungabikhona kobulungiswa.

“Ikhamera yayisibhamu sami. Ngakwazi ukubulala ubandlululo ngesibhamu sami,’Kusho uMagubane. “Ngangifuna ukukhulula lelizwe ngaphandle kokusebenzisa isibhamu sangempela.

Iminyaka Eminingi yeziGameko Zomlando

Umsebenzi kaMagubane waqala kwi Drum, lapho u Jurgen Schadeberg, ngalesosikhathi wayeyinhloko yaba thwebulizithombe, wamthatha wamfaka ngaphani kwamaphiko akhe. Ithoba lakhe elikhulu lokuqala kwaba ukuyocoshela udaba lwnkomfa ye ANC ngo 1955. Kusukela lapho, uye washicilela izehlo nezigameko eminingi iminyaka, usebenze umshoshaphansi ukuze akwazi ukuthola izithombe ngokuyimfihlo ngokuthi kwesinye isikhathi wayeke acashise ikhamera ifakwe kwibhayibheli, noma kulofu wesinkwa.

“Uma ngifuna ukuthatha isithombe ungivimbela, bengiyithola indlela. Emva kwezinsuku ezingu 586 ugcinwe wedwa ekuvalelweni yini enye obusangayesaba”? ngo 1967 wajoyina iphephandaba i-Rand Daily Mail, yaqala laphoke inkinga nabomthetho naye: waboshwa eyocoshela udaba lomkhankaso owawenzeka ngaphandle komuzi ka Winnie Mandela, wagcinwa ejele egunjini lakhe yedwa, kodwa amacala esulwa.

Ngemuva kwalokho bamunikeza amaphepha ayemazisa ukuthi uvinjelwe ukusebenza njengomthwebulizithombe iminyaka emihlanu noma ukungena nje kwiminyango yaleliphephandaba.

Lokhu kwalandelwa ukugcinwa ezinye izinsuku ezingu 98 evalelwe, izinyanga eziyisithupha esejele, waphinde futhi wagcinwa ezinye izinsuku ukupanishwa.

Ngemuva kokuchitha izinsuku ezingu 586 eModderbee kanye nasePitoli, wabe esakhululwa – ngesikhathi esihle ukuba akwazi ukuyocoshela udaba lombhikisho ka June 16.

Uhloniswe eNingizimu Afrika Nakumazwe Omhlaba

Uke wanikezwa imisebenzi izinhlangano ezinkulu zamazwe zokushicilela kubalwa iphephabhuku i-Time neZemidlalo.

uMagubane uhlonishiwe ndawo zombili eNingizimu Afrika nakumazwe omhlaba, ugqizwe ngeziqu ezisiyishiyagalolunye zobudokotela.

Ushicilele wakhipha izincwadi ezingaphezu kwamashumi amabili nantathu wamisa imiboniso yobuciko yezithombe zakhe eyinqwaba.

Snapshot of Dr Peter Magubane's Career

Ngo 1990, uDkt. Peter Magubane waqokwa ukuba abe ngumthwebuli wezithombe ka Nelson Mandela ngokumisiweyo okusemthethweni ukushicilela kahle ...more