Umquba kanye Nokulima Kwezitshalo

© Chris Daly

Umquba uqukethe izakhi eziningi nezimbewu zokufa zomhlabathi futhi yingxenye ebalulekile yokuvundisa umhlabathi kwezolimo. Umquba uhamba phambili ezindabeni zenani lomsoco. Okuphilayo emhlabathini kusiza ekugcineni umhlaba unomswakama isikhathi eside. Uma umkhiqizi engenawo umquba owanele kunezindlela “zokwengeza” - umquba ungasetshenziswa njengomfucuza noma ungasebenza enhlabathini kuphela ezungeze izitshalo hhayi endaweni yonke yokulima.
Umanyolo wezilwane uvame ukusetshenziselwa kwezolimo zomvelo ngoba ucebile ngezinto eziphilayo kanye nezakhi. Umanyolo ongavuthiwe ungashisa izitshalo futhi akufanele usetshenziswe ezitshalweni ezidliwa abantu, okuyizithelo nemifino. Kungasetshenziswa emadlelweni emfuyo, izitshalo ezibalulekile zamafutha nezitshalo zokuhlobisa.
Izizathu zalokhu ukuthi kukhona amabhaktheriya ayingozi emqubeni okungabangela izifo zabantu. Noma yikuphi umquba wezilwane osetshenzisiwe kumele uhlelwe kahle. Umanyolo ufakwa okwesikhashana futhi uvunyelwe ukubola ngaphakathi kwenqwaba yomquba njalo ungasetshenziswa ekukhiqizeni imifino nezithelo. Uma umanyolo wezilwane usetshenziselwa umquba, kufanele ufake isitshalo esine khabhoni eyanele (ngokuvamile isilinganiso sekhabhoni: nayithrojeni 30:1 sinembile) ukuqinisekisa ukuthi umqobelo uhlukana ngendlela efanele.
Ngaphansi kwezimo ezinomoyampilo amabhaktheriya wehla ngokushesha kunaphansi kwezimo ezingena moyampilo. Uma izinqwaba ziphendulelwe njalo futhi amazinga okushisa avunyelwe ukufinyelela amashumi amahlanu nanhlanu ngamasonto amabili, amazinga webhaktheriya angancipha ukuya ngaphansi komkhawulo wokuthola. Ku-Salmonella, ngisho nokushisa okuphansi kufanele uma isilinganiso sekhabhoni: nayithrojeni singaphansi kwe-20:1. Isici sokuphendulela okuvamile nokushisa okuphezulu ukulahlekelwa kwenayithrojeni ngomhwamuko we-NH₃.

Umanyolo ongavuthiwe awukwazi ukusetshenziselwa izitshalo kuze kube yilapho uguqulwa ube yihumasi ngamagciwane ezinhlabathi. Le nqubo ihlanganisa izakhi ezithile futhi ingabangela ukunciphisa (okwesikhashana) ezakhiweni ezitholakalayo. Ngaphezu kwalokho, kungabangela ukwanda kwenkathazo ezinjengeminenke kanye nomkhothane.
Umkhiqizi kumele azise ibhodi lokuqinisekisa isikhathi esifanele lapho umanyolo wezilwane ungasetshenziswa. Uhlobo lwesilwane lapho umquba uvela khona kufanele futhi uqashelwe. Amathambo, uphondo lwesidlo, isidlo segazi njalo njalo nakho kumele kwaziwe. Akukho nkucunkucu (umquba womuntu) evunyelwe kunoma yikuphi ezolimo.
Imfucuza yezilwane ezivela esondlweni sentengiselwano ayivunyelwe kunoma yiziphi izimo. Umsebenzi omningi ukusebenzisa umuthi wokwelapha namahomoni nezilwane azivunyelwe ukuhamba ngokukhululekile futhi yingakho umanyolo ovela esondlweni sezilwane ungavumelekile kwezolimo.

Translated by Nsika Khoza