Ukuvikelwa Kwempilo Ekufuyweni Kwezinkukhu

© Chris Daly

Ukuvikelwa kwempilo kuyisinyathelo sokuqala sokulwisana nezifo zezinkukhu. Kumbandakanya izenzo zokuvimba izinyoni ukuthi zingahlangani nezidalwa eziqukethe isifo, okungaba ngabantu noma ezinye izilwane, ukudla ngisho namathuluzi asepulazini. Ongoti bempilo yezilwane nodokotela bezilwane ikakhulukazi bangabek’impilo yezilwane engcupheni ngoba basebenza ngezilwane ezigulayo emapulazini ahlukene. Ngenhlahla bayakwazi lokhu futhi bathatha izinyathelo zokugwema le ngozi ngokuthi bashintshe izimpahla emva kokuhambela ipulazi elilodwa.

Ingozi Ngomuntu

Abalimi abasebhizinisini ingozi yokusatshalaliswa kwesifo ngabantu emkhiqizweni wabo bayigwema ngokuthi bawabiyele ngofenisi amahhoko ezinkukhu zabo. Abantu abafuna ukungena endaweni yomkhiqizo kufanele basayine erisebshini ukuze kugcinwe imidanti yokuphuma nokungena kwabantu esikhungweni kanye nokuhlonzwa kwembangela yesifo uma kwenzeka sivela.

Isikhiwo sivame ukuba nomfafazo ongahamba unqamule kuwona ukuze uphumele ngale endaweni yomkhiqizo. Noma ngubani ongena esakhiweni esuka phandle, kungaba umlimi, umsebenzi wepulazi kumbe udokotela wezilwane, kufanele bashiye izembatho zabo “zaphandle” emnyango womfafazo. Kufanele bageze emfafazweni, lapho ithawula, izembatho nezicathulo ezihlanzekile bebekelwe khona ngale komfafazo. Abasebenzi ngokujwayelekile banezembatho zabo, ezingeze zakhishelwa ngaphandle kwesakhiwo.

Abantu kungadingeka ukuthi bageze futhi bashintshe nezembatho ngaso sonke isikhathi uma befudukela kwesinye isigaba somsebenzi, kumbe kungadingeka ukuthi bageze izinyawo phakathi kwezikhungo ezahlukene, kuye ngokuthi ingozi ingakanani. Izembatho ezisetshenziswe ngaphakathi esakhiweni kufanele zihlanjwe futhi zikhishwe amagciwane khona esakhiweni ukuze kwenziwe isiqiniseko ukuthi azinasifo.

Kubalulekilke ukuthi wonke umuntu osebenza epulazini, azi ingozi angahle ayidale bese kusetshenzwa ndawonye kuhliswe ingozi. Ukuyaluza kwesihambi kuvame ukuthi kuvunyelwe ezindaweni ezithile esakhiweni somkhiqizo.

Izikhali Zokulima, Ezokuthutha noKudla Kwemfuyo

©Chris Daly

Kumele kusetshenziswe indlela efanayo kukho konke okuthathwayo noma okulethwayo epulazini. Zonke izikhali zokulima, impahla yezinkukhu yokuphuza neyokudlela, kufanele ihlanzwe egcekeni ukugwema ukuthi amagciwane nezifo kunganqwabelani futhi kungasabalali kusuke enkukhwini kuye kwenye. Futhi noma yini ethathwe enkundleni yomsebenzi, kufanele ihlanzwe ngomuthi ngaphambi kokuthi ibuyiselwe enkundleni.

Okunye okuxakile, ukugwema izimoto ukuthi zingalethi isifo epulazini. Ukunciphisa ingozi, izithuthi ziyafuthwa ngomuthi wokubulal’amagciwane ngaphambi kokuba zivunyelwe ukuthi zingene epulazini nokuhamba kwazo futhi kuvunyelwa ezindaweni ezithile emapulazini.

Ukudla kwemfuyo kungenye ingozi, njengoba kubanesikhunta esinobuthi. Ukunciphisa ingozi, abalimi kumele bahllinzeke izinkukhu zabo ngokudla okuseqophelweni eliphezulu.

Ezinye Izilwane

Izinyoni zigcinwa ezindlini ukuze zingahlangani nezinye izilwane, ngisho nezinye izinkukhu imbala. Abalimi abaningi basebenzisa umgomo kafakazonke-khiphazonke, lapho izinyoni zihlanganiswa khona ngobuntanga uma zifika epulazini futhi zigcinwe ndawonye ngesikhathi sokukhuliswa kwazo zize zishiye ipulazi.

Izakhiwo ziyahlanzisiswa futhi zifakwe nomuthi ekuqaleni nasekugcineni kokukhuliswa kwazo, ukuze kugwenywe ukusabalala kwezifo zisuka eqenjini elilodwa ziye kwelinye. Izinyoni ezigulayo ziyasuswa ngokushesha bese ezifile ziyagqitshwa ukugwema ukusabalala kwezifo.

Ukuthintana nezinye izilwane kumele kugwenywe ngazo zonk’izindlela. Izinyoni zasendle ikakhulukazi zihlonzwe njengabathwali boMbo enamaGciwane Kakhulu, eyaziwa ngokuthi umkhuhlane wezinkukhu. Lesi sifo sithathwa njengengozi enkulu ekufuyweni kwezinkukhu emhlabeni kanti futhi amanye amazwibela esifo angahlasela nabantu. Ukuqubuka kwalesi sifo kudale ukubulawa kwenqaba yezinkukhu emazweni ahlukene emhlabeni-jikelele. Izitibhili zezinyoni zasendle noma izinyoni ezifile zingawangcolisa amanzi okuphuza, okungabayimbangela yokuqubuka kwesifo.

Amagundwane namagundwanyana angenye inkathazo enkulu. Ngaphezu kokuntshontsha ukudla kwemfuyo, ukuququda nokuchoboz’amaqanda nokubulala amachwane, athwala izifo ezahlukene kanye nezimuncagazi, okuyizintwala, imimvunya namazeze.

Amagundwane kumele abiyelelwe ngaphandle kwezakhiwo zomkhiqizo ngokuthi uvale izimbobo nemifantu ngento angeke ayiququde okuwuqwembe, ufenisi noma usimende. Izinhlelo zokuwacupha futhi kumele zisetshenziswe ukunciphisa isibalo sawo.

Izeluleko Kwabafuya Ndawonye

Ukuvikela imfuyo kwabafuya ndawonye kucishe kube yize uma izinkukhu zivunyelwe ukuthungatha ukudla noma yikuphi emphakathini. Ngaphansi kwezimo ezinjalo, abanini bezinkukhu bangazama ngobuciko ukusebenzisa noma yini abangayithola ukwakha uthango phakathi kwezinkukhu nezinye izidalwa ezingabathwali bezifo.

Uma kungakhonakali ukwakha uthango olunjalo, abafuyi bezinkukhu bangasebenzisana ekuxwayiseni abantu ngengozi yesifo engabakhona futhi basebenzisane ukuvikela izinkukhu:

Ngokususa izinkukhu ezibukeka zigula emhlambini.
Ngokwazisa ochwepheshe bezempilo yezilwane uma bebona isifo ukuze baqinisekise ukuthi akusona isifo esibucayi.
Ngokususa futhi balahle izilwane ezifile ngaphambi kokuthi zibe yingozi empilweni yezinye.
Ngokuthenga izinkukhu emithonjeni edumile kuphela.
Ngokubeka izinkukhu ezintsha eceleni amasonto ambalwa zingabiseduze nomhlambi omdala ukuze baqiniseke ukuthi izinkukhu ezintsha azinangozi empilweni yezinye.
Ngokuthi bangavumeli abathengi basondele kakhulu ezinkukhwini, ikakhulukazi uma kwaziwa ukuthi abathengi bazulazula ezindaweni ezahlukene ukuze bathenge izinkukhu.

Translated by Zoza Shongwe