Ukuhlanzeka Okuyisisekelo kweZolimo lweZinkomo Zobisi

©Chris Daly
Igumbi lokugcina ubisi kufanele lihlanzeke ngaso sonke isikhathi futhi kufanele ligcinwe endaweni ehlanzekile, kude nemithombo ebonakalayo yokungcola futhi ihlukaniswe nanoma yiziphi izindawo zokugeza.
Ukugcina indawo yobisi, izindlu zenkomo, umbele kanye nezindawo ezizungezile zingasiza ukuqinisekisa ubisi oluhlanzekile zihlanzekile, zinemibhede ehlanzekile (utshani noma imfucuza), amanzi nezondli, nokudla. Kubalulekile futhi ukuthi izinkomo zakho ziphefumle kahle. Kubalulekile ukuvimbela izinambuzane, amagundane nezinyoni endaweni yokugaya futhi ungavumeli izilwane ezifuywayo noma izinkukhu endaweni yokugcina ubisi noma izindawo zokuhlala kwezinkomo.
Indawo yokusenga kufanele ibe nephansi yesemende, okufanele ihlanzwe ngaphambi nangesikhathi sokusenga. Qaphela ukuthi izimo ezifudumele, ezimanzi zizalisa amabhaktheriya.
Umsengi kumele ageze izandla ngaphambi nangemva kokusenga inkomo ngayinye futhi agqoke izingubo zokuzivikela ezihlanzekile ezinjengama-face masks namaglavu. Ngemuva kokugeza, gcoba izandla ngomuthi wokubulala amagciwane. Uma usenga ngesandla, geza izandla ngaphambi kokubamba bese uphonsa izandla kudiphu yombele ngaphambi kokusenga inkomo elandelayo. Ubisi njalo ube lufakwa kubhakede lensimbi, hhayi ipulasitiki. Nokuvimbela ukusakazeka kwezifo. Izindlu zenkomo yakho kufanele zihlale.

I-Milking Order

©Chris Daly
Izinkomo kufanele zisengwe njalo ngamahora angu-12 nangendlela ethile. Ungasengi izikhathi ezingaphezu kwezithathu ngosuku, njengoba lokhu kungabangela umonakalo kumbele. Izinkomo ezikhulile, lezo ezibe zobisi isikhathi eside, ngokuvamile zinamabhaktheriya amaningi emadlelweni azo. Senga izinkomo eziqalwa ukusengwa kuqala,bese ugcina ngezindala. Ubisi lombele ovuvukile kufanele lulahlwe futhi lungavunyelwa nobisi oluvela ezinkomeni ezinempilo. Uma usengei ubisi kumbele ovuvukile, geza izandla zakho uphinde uphonse kumuthi wokubulala amagciwane.

Ukuhlanza Umbele

©Chris Daly
Hlanza umbele kanye nesilwane emva kokukhishwa kwangaphambili (Ukukhishwa kwesikhumba sangaphambili kuzosiza ekuvuseleleni ubisi kodwa kuqukethe amabhaktheriya). Ukugeza ngamasekhondi angu-20 kungcono kakhulu kwezingu-50% kunokuba ugeze ngamasekhondi ayisithupha. Ucwaningo lwakamuva luqinisekisa ukuthi umbele kufanele ube omile ngaphambi kokugusengwa.
Sula umbele kanye nezisekelo zokugqoka ngephepha elihlanzekile elincane elinobuthi obulalaamagciwane. Geza umbele ongcolile kakhulu ngamanzi afudumele kanye nomuthi wokubulala amagiwane bese uyomisa ngethawula. Amathawula wekotini atholakala ukuthi angcono kunephepha ukuze anciphise ukungcoliswa kwamagciwane ebisi. Ungalokothi usebenzise indwangu yomphakathi ukuhlanza. Idiphu ingase isetshenziswe ngaphambi nangemva kokubambelela ukuze kuqinisekiswe ukuthi umzimba uhlanzekile.

Ukuhlanza Umbele

©Chris Daly
Ukuhlanza umbele kudiphu kubalulekile ukuvimbela nokulawula ukuvuvukala. Kunganciphisa ukutheleleka okusha ngo-70% kuya ku-80%. Idiphozi kumele ibe ne-glycerine, i-lanolin noma yimuphi umuthii wesikhumba.
Faka kudiphu ngaphambi kokusenga, kodwa uvimbele insalela yediphu ekungeneni kubisi.Hlanza umbele ngaphambilini, adibe imizuzwana engu-30 ngethawula elilodwa lephepha.
Ukuze uvimbele ukungcolisa ubisi, qiniseka ukuthi umbele omile emva kokucwiliswa kwangaphambili. Kukhona umehluko omkhulu phakathi kokusenga ngaphambi kokucwilisa nokusenga kamuva nokucwilisa.
Sebenzisa idiphu kuphela ngenjongo yayo ehlosiwe. Gcoba umbele masinyane emva kokukhishwa ukuze ususe ubisi olushiywe. Sebenzisa inkomishi ekhethekile yombele ukuvikela amagciwane ukuze angene emgodini wombele. Inkomishi yombele kumele ihlanzwe ngemuva kokusenga.

Izinsiza Zokuhlanza

©Chris Daly
Imishini yokusenga kufanele ihlanzwe ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemuva kokusenga. Okokuqala, hlambulula ngamanzi ashisayo bese ugeza ngesisombululo sokuhlanza ekushiseni okukhulu kakhulu. Ngemuva kokuhlanza, gcwalisa ngamanzi ahlanzekile, ukhiphe bese omisa. Kumele kube komile ngaphambi kokusenga okulandelayo.

Translated by Nsika Khoza