Ukubeka uphawu olusha ngo Mandela

© Eric Miller

Umholi onogazi

Ukuduma nokwaziwa kuka Mandela kwakuyifa elimile futhi ngokwenhlolovo eyenziwa ngo May ka 2007 eyenziwa inkampani yabacwaningi i Markinor, ukuduma kwakhe kwakukhula kanye neminyaka yakhe.

Ngesikhathi sosuku lwakhe lokuzalwa eno 89, kwinhlolovo yabantu abangu 3 500 abamele iNingizimu Afrika kubantu abadala, uNelson Mandela wasikora phakathi kwisibalo sika 9.2 kwabantu 10, nokwakumenza abenguyena mholi onogazi noqavile ezweni. Kodwa ngesikhathi ukuduma kwakhe kuqonga, yena kanye ne Nelson Mandela Foundation bebemataza bebheka indlela yokuqhakambisa kabusha igama lakhe, iFoundation yacela imibono yomphakathi wonkana ekutheni lokhu kungenziwa kanjani.

Injongo eyamangaza

Abasebenzi bakwi Foundattion ka Mandela beza necebo lokususa ubuso buka Mandela kukho konke okuluphawu ngaye base befake isithombe sesandla sakhe sobunxele esaluliwe ne ringi yomshado ebonakala ngokucacile. Yize kuvela ukuthi kwakunguye uNelson Mandela owayeqhuba umoya walokhu kodwa izizathu zakhe zokufuna ukwenza kanje azicacile. Kwabakhona umbhali oyedwa u William Saunderson-Meyer owaphawula ngalokhu naye ezama ukuqonda isizathu salokhu akubiza ngokuthi ínjongo emangalisayo’.

uSaunderson-Meyer wabeka kanje:

Okuyikona okwakuhloswe iFoundation akucaci kahle. uphawu eluphumelelayo akulona nje lokushicilwelwa ngoyinki ephepheni lapho uvele uzifundele noma ikuphi okuzwa emizweni yakho ngalowomzuzu. Kodwa izimpawu zezinkomba eziphumelelayo ziyaqhubazela, zicacile kwezikuqukethe, izifiso zazo kanye nokukhuthazile ngazo. UMandela uqobo lwakhe uyakuqonda lokhu.

Kwakusekungeneleni kwakhe okwasindisa ama Springbok nophawu lwawo eselibekhona sishe iminyaka eyishumi yebhola lombhoxo, ngesikhathi i -African National Congress ithatha amandla ombuso ngo 1994.

Kunzima ukwazi ukuthi kungani i-Foundation yayifuna ukugxambukela empumelwelweni yophawu luka Mandela. Kungenzeka ukuthi uthixo noma umuhammad badinga ukuzimisa kabusha – bathi ukunqunta lapha nalapha ukuze bathole udumo emhlabeni odidekile. Kodwa ngabe uMandela uyakudinga lokho na? Lena kwakuyindoda umhlaba wonke owawuyithanda yaphakanyiswa njengolungileyo kwisikhathi sayo. iNhlangano yokubheka uphawu lwezinkampani yenze inhlolovo yase Melika yaluthanda uohawu luka Mandela neyathi lungolwesibili ukulandela elakwa Coca-Cola emhlabeni wonke jikelele. Abakwa Coke, bachitha amabhiliyoni ukwakha noma bavikele uphawu lwenkampani yabo. Kodwa uMandela uyazihambela nje enguyena.

Translated by Nokubonga Guliwe

Nelson Mandela our beloved President by Raymond Louw

Kuyamangalisa ukuthi uNelson Mandela ushintshwe kanjani engqondweni yomphakathi kusukela ku-Enemy Enemy No-1 ibe uhlobo lwezinkanyezi ezitha...more