Ukhula Emivini

© Louise Brodie
Ukhula luhlelwe emakilasini afana namaqabunga abanzi, utshani, ohlezi ukhona noma oza ngonyaka. Emivini ezisendaweni ezomileyo kuyoba khona ukhula olobusika kanye nasezindaweni ezaniselayo ikakhulukazi utshani nemifino. Umkhiqizi kufanele azi izici zokhula oluhlukile; isibonelo, kungakhathaliseki ukuthi kuyisitshalo esihleli sikhona noma esiza unyaka nonyaka njengoba ukhula luhluke ekuthandeni ukwelashwa. Ukusetshenziswa komuthi wokubulala utshani kanye nokhula olubanzi kuhlukile. Ukusetshenziswa okuqhubekayo komuthi okubulala utshani kungaholela ekwandeni kokhula olubanzi.
Isikhathi sokuphatha sibaluleke kakhulu ukuze umuthi wokubulala usebenze kahle njengoba kabi kungalimaza imivini emincane. Ukulawula njalo ngaphambi kokuba isitshalo siqale ukuhlwanyela imbewu kunganciphisa kakhulu ukhula. Ngakolunye uhlangothi, ukususwa kokhula kungabangela inhlabathi eningi ukuthi ivezwe elangeni okuholela ekukhuphukeni kwamanzi nokukhukhula. Njengoba izivini zihlwanyelwe emithambekeni, imifafazo kanye nomanyolo angahle ahlasele futhi angcolise imithombo yamanzi.
Ukumelana kokhula uma usebenzisa amakhemikhali kuyinkinga enkulu, ngakho kubalulekile ukushintshela ohlelweni lokulawula ukhula oluhlanganisa indlela ezehlukile. Lezi zihlanganisa izindlela zemizimba, ezemvelo, zamakhemikhali noma eziphilayo. Imfihlo yokulawula ukhula ukuhlanganisa izindlela ezahlukene ukuze ukhula lungakwazi ukuthuthukisa ukumelana.
Enye indlela yokulawula ukhula ngokomzimba ukuvumela isivuno sikhule ngokusemandleni ukuze kungabikho mncintiswano nokhula. Indlela ehlukile yokulawula ukhula yindlela yokutshala izitshalo phakathi kwezitshalo ezingapheli ezifana nemivini noma izihlahla zezithelo. Ukuvimbela imbewu yokwakheka kwenkinga yokhula, izinhlamvu zeothi zingatshalwa njengesitshalo sekhava. Ihhoyi noma isayileji ingenziwa kanye / noma ukhula. Kuye kwafunyanwa ukuthi ukuhlanganiswa kwemifino, izitshalo ezithile zokumboza kanye nokujikeleza kwezitshalo zekhava kungalawula ukukhula kokhula.

Translated by Nsika Khoza