Spotted Thick-Toed Gecko

© Tyrone Ping

Igama

Spotted Thick-Toed Gecko or Spotted Gecko [i-Pachydactylus maculates]

Uhlobo

Reptilia

Umkhakha

Squamata

Umndeni

Gekkonidae

Ubude beyesilisa

58 mm

Ubude beyesifazane

48 mm

Incazelo

Lesi yisibankwa esincane, esinomlomo nekhala okuphume phambili, emndenini wezibankwa owaziwa nge-gekko. Umhlane waso umpunga kuya kokumpunga okuxubene nokunsundu. Umhlane uphinde uzungezwe yimigqa yamaqhuqhuva amnyama. Isifuba sinombala emhloshana.

Indawo esitholakala kuyo

Lesi sibankwa sitholakala phakathi kweKapa neSutherland, kanjalo nasezindaweni ezisogwini kusukela eKnysna eEastern Cape kuya KwaZulu-Natali, eSwaziland naseningizimu-mpumalanga yeMpumalanga. Sesike sabonakala naseMozambique.

Ukuzalana

Isibankwa sesifazane sizalela amaqanda amabili noma amathathu phakathi kukaMandulo noNhlolanja. Iqanda lilodwa linamagobolondo amabili aqinile. La maqanda achamisela emuva kwezinsuku eziyi-100 kuya kweziyi-120.

Ukudla

Lesi sibankwa sidla izinambuzane ezincane nezicabucabu.

Amanothi ensimu

I-Spotted Gecko ngenye yezibankwa ezijwayelekile ezinhlotsheni ze-gecko ezingaphezulu kwamashumi amathathu eNingizimu Afrika. Le zinhlobo zitholakala ezindaweni ezehlukahlukene.