Spoonbill

© Nigel Dennis
Spoonbill.

Ibonakala Ngani

I-Spoonbill yase-Afrika inezinyawo ezinde ezilungele ukuhamba emanzini. Le nyoni, obude bayo bungamasentimitha angama-90, imhlophe yonke indawo ngaphandle kwasemlonyeni, ebusweni naseziyaweni. Amaphiko aba ngamamilimitha angama -365 kuya kwangama - 400 ubude. Le nyoni ibonakala kalula ngomlomo wayo omise okokhezo. Uma izalwa le nyoni iba nomlomo ocijile, ojikayo umise okokhezo uma ikhula. Umlomo usuke usumise okokhezo uma seyikhule ngokwanele ukuthi ishiye isidleke. Kawukho umehluko obonakalayo kweyesilisa neyesifazane.

Zidla Nhloboni Yokudla

Zidla izinkalankala, izinhlanzi, izinhlanzi nokunye okutholakala emanzini.

Mayelana Nokuzalana

Ziqala ukwenza amachwane ebusika kuze kube yintwasahlobo (ngoNdasa kuya kuMandulo). Eyesifazane ibekela amaqanda ngoMbaso kuya kuNhlaba. La maqanda aba namachashaza abomcu, ansundu noma aluhlaza okwesibhakabhaka. La maqanda ziwazalela ezidlekeni ezenziwe ngezinti eduze kwamanzi.
Ziyatholakala kodwa nasemihlangeni, emagqumeni nasezindaweni ezinodaka. Lezi zidleke ziyaba phansi emhlabathini noma ezihlahleni phezulu kwamanzi. Isidleke sivame ukwendlalwa ngamaqabunga phakathi. Eyesilisa neyesifazane ziyabambisana ukufukamela amaqanda izinsuku ezingama-29. Amachwane anakekelwa ngabazali bawo izinsuku ezingama-30. Emuva kwalokho abe eseqala ukushiya isidleke azifunele okwawo ukudla.

Indlela Eziphila Ngayo

Lezi yizinyoni ezinamahloni futhi ezihlezi ziqaphele ingozi. Zivame ukuhamba ngayodwana kodwa kokunye ziyabonakala zihamba ngambili noma ngamaqembu. Ihlala ithule ngaphandle uma ibola ingozi. Uma indiza yelula intamo nemilenze bese ibhakuza amaphiko. I-Spoonbill iphila ngokudoba izinhlanzi ngomlomo emanzini angashoni.

Ziphila Kuphi

Lezi zinyoni zitholakala ezindaweni ezinamanzi angashoni maphakathi nezwe. Lezi yizindawo kungaba yisigwini lomfula, emithonjeni, emathafeni nasemaxhaphozini.

Zitholakala Kuphi

I-Spoonbill yase-Afrika ijwayelekile emazweni amaningi aseningizimu ye-Afrika. Amanye alawa mazwe kubalwa iBotswana, Kenya, Madagascar, Mozambique, Namibia, Ningizimu Afrika neZimbabwe.

Igama LesiLatin

Platalea alba