Snappers

© Jean Tresfon

Igama Elijwayelekile

Snappers

Igama Lesayensi

Lutjanidae

Usayizi

Ungafinyelela ku-1m, ngokujwayelekile kuba wu-30cm.

Isakhiwo Sawo

Imizimba yawo mide imise okweqanda, izinhlangothi zakhona ziyisicaba. Imisila yawo mifishane sengathi inqundiwe kwesinye isikhathi icija kuhle kwemfologo.
Inesigwedlo esisodwa emgogodleni. Ikhanda lawo lithanda ukucija ngasemlonyeni. Imibala yawo ihlukahlukene, kukhona ophuzi, omhlophe, oyisiliva, oluhlaza sasibhakabhaka nonsundu ngokubomvu noma omhlophe nomnyama.

Olunye Ulwazi

Umndeni we-lutjanidae unezizukulwane eziwu-17 nezinye izinhlobo eziwu-107. Avame ukubonakala ehamba ngamaqoqo phezu kwamatshe. Azingela kakhulu ebusuku, yingakho izinhlobo zawo eziningi zinamehlo amakhulu. Anamazinyo ngasemankankeni asebenza ukugandaya ukudla. Azalela emanzini amaningi njengasolwandle.

Ukudla

Adla izikhuphashe nabanye ofishi. Ezinye izinhlobo zidla amabibi asolwandle.

Ukusabalala Kwawo

Atholakala ezindaweni ezifudumele emhlabeni jikelele.

Uhlobo Oluvamile

Bluebanded snapper - Lutjanus kasmira
Emperor snappers - Lutjanus sebae
Humpback snapper - Lutjanus gibbus