Serval

© Shem Compion

Igama

I-Serval [Leptailurus serval]

Abukeka Kanjani

Lolu wuhlobo lwekati elincane ngomzimba, ubude balo wu-500mm. Umhlane nomsila kusagolide, libe nezindawo ezinsundu. Linemigqa emnyama emhlane. I-Serval inemilenze emide, ongaphika ukuthi eyayo. Iwu-91cm, uma imile iba wu-20 inch.
I-Serval incane futhi inde. Leli kati linekhanda elincane, elide namadlebe ayindilinga anemibala emhlophe noma emnyama. Kuthiwa leli kati lisebenzisa imigqa yalo ukuxhumana nezinye izilwane zohlobo lwalo. Ama-Serval amnyama atholakala ezindaweni ezimanzi nasemahlathini acinene.

Adlani

Athanda ukudla amagundane. Okunye ukudla kwawo yizinyoni, amaxoxo, izinambuzane, izilwane ezinwabuzelayo, ngezinye izikhathi adla nezinhlanzi.

Azalana Kanjani

Lesi silwane sizala amakatshana amathathu noma amane ngesikhathi, sizalela otshanini obuningi, emveni kokumithwa izinsuku ezingu-68 kuya kwezingu-72. Ajwayele ukuzala uma kuphela ihlobo. I-Serval, ishintsha indawo ebeka kuyo amakatshana ayo njalo, lokhu ikwenzela ukuthi ahlale ephephile.
Njengengulule, i-serval yesifazane izikhulisela amazinyane ayo yodwa, ayitholi sizo kweyesilisa. Uma amakatshana esemadala futhi sekubonakala ukuthi angakwazi ukuzingela, unina uye aqale axoshe awesilisa, bese elandelisa ngawesifazane, wona uwaxosha uma eselungele ukuhlangana nawesilisa.

Aziphatha Kanjani

Isidalo lezi zilwane zithanda ukuhlala zodwa, kodwa ziye zibonakale zihamba ngambili uma kuyisikhathi sokukhwela. Amakhaya ama-Serval makhulu alinganiselwa ku-15km² kuya ku-30km². Noma ethanda ukuhlala wodwa amakhaya awo ahlangene, noma kunjalo, wona azihlangani, kepha isilwane ngasinye siba nendawo yaso esiziklamele yona ngomchamo nangobulongwe. Lesi silwane sinamahloni, ngakho-ke siye sibonakale ebusuku, uma ngabe sizingela silandela iphunga nomsindo lapho ovela ngakhona.
Kwezinye izindawo zase Afrika lapho lesi silwane esithathwe sasiwa khona siba matasa ekuseni nantambama. I-Serval inodlebe kanti ikwazi ukuzwa inyamazane ehamba ngaphansi komhlaba. Leli kati liyathanda ukudlala ngokudla kwalo ngaphambi kothi likudle. I-Serval inezindlela ezehlukene zokukhala, Kulezi zindlela zayo ungabala ukububula, ukugwavuma, ukuncimfa nokuhayiza. Uma sesikhala kanje, sisuke sesibiza ezinye izilwane zizosiza ekuzivikeleni ezitheni. Uma lizivikela, liye likhukhumale, bese ligwavumela phezulu.

Ukuhlala

I-Serval ithanda ukuhlala kwizindawo ezi fumile, futhi ezinotshani obuningi.

Zitholakala Kuphi

ENingizimu Afrika lesi silwane sitholakala ezifundazweni i-Northern Cape, i-Mpumalanga, i-KwaZulu-Natali e-Drakensberg naseLesotho. Kwi-Red Data Book, lesi silwane sibalwa njenge silwane esingajwayelekile.

Izitha

Impisi, amankentshane nezingwe.

Izibalo Ezibalulekile

Igama lesi Latin: Leptailurus serval.
Isisindo (Imazi): Ngu-8,6 kg kuya ku-11,8 kg
Isisindo (inkunzi): Ngu-8,6 kg kuya ku-13,5 kg
Ubude (imazi): Ngu-110 cm
Ubude (Inkunzi): Ngu-110 cm
Ukukhulelwa: Izinyanga ezimbili
Amachwane: Ngu1 kg kuya ku-3 kg
I-order: Carnivora
Umndeni: Felidae
Ukuzala: Lesi silwane sizala ngo Septemba ukuyosho ngo Aprili, emuveni kokuthi besikhulelwe izinyanga ezimbili.

Ukubukeka Komzila

Uma uyiqhathanisa ne-Caracal, i-Serval inonyawo oluncane.