Oryx
Umpondozinde

© Karl Svendsen

Igama

Umpondozinde (Oryx gazella)

Introduction

Ngaphezu kwazo zonke ezinye izinyamazane umpondozinde ungumfanekiso wempilo yasogwadule lwaseNamibia. Uhlala endaweni enelanga elikhipha umkhovu etsheni kudedangendlale wezinkalo ezingenamathunzi ngaphandle kokukhosela ezihlahleni ezinameva.
Uyingqabavu yogwadule, wakheke njengethole lehhashi lomdlalo we-polo, unamandla amangalisayo nokubekezela, kodwa uphila ngotshani obuyingcosana basogwadule.
Uma ushoda ngamanzi, usebenzisa izindlela eziningi zokunciphisa ukoma, okuphawulekayo wukuthi uvumela izinga lokushisa komzimba wakhe ukuthi wenyuke usuke kokujwayelekile okuwu-35.7ºC kuye ku-45ºC (113°F) bese uyazipholisa ngokushaya amakhala nokujuluka. Iyawujiyisa nomchamo bese imunca wonke umswakama engawuthola.

Badlani

Umpondozinde udla amacembe anomsoco, utshani namakhambi. Ebusika badla izimbali nezihlahla. Ukuqeda ukoma, umpondozinde ugubha amakhambi athambile futhi udle kakhulu amabhece abizwa ngetsama.

Bazalana Kanjani

Yize umpondozinde ezala nganoma yisiphi isikhathi, imvamisa uzala izinyane elilodwa emuva kokumitha izinyanga ezicishe zibe yisishiyagalolunye. Izinsikazi zikhwelwa yimpongo ebusayo esigodini.

Impilo Yawo

Imihlambi yezinsikazi nezimpongo ezingenazigodi, ziyaluza ezigodini eziphethwe yizimpongo ezithile, zithungatha ukudla. Ukuze zigweme impi, izimpongo zokufika zithobela umthetho wezimpongo zendawo zicele umaluju uma zihlaselwa. Ukwenza kwalolu hlobo lwesilwane kunenhloso yokukhonya namanzi.
Ekushiseni kosuku zilala emthunzini wezihlahla. Lapho ithunzi lingekho khona ziyacophelela ukuthi zifihle imizimba ingatholwa yilanga. Izimpongo ezihamba ngazodwana zivamile futhi ziyaziwa ukuthi ziyalibulala ibhubesi ngokulihlaba ngezimpondo zazo eziqinile.

Zitholakalaphi

Zithanda indawo eyomile enotshanyana, kodwa ziyayisebenzisa nendawo enezimila ezahlukene njengendawo enamadwala entshonalanga neNamibia, nezindunduma zesihlabathi zasogwadule lwaseNamibia nezinkalo ezisagwadule zaseKalahari.

Ompondozinde batholakala eziqiwini eziningi kuyo yonke iNingizimu Afrika futhi babuyiselwe ngempumelelo endaweni lapho babeke bacanasa khona babuye baphela.

Izilwane Eziyingozi

Amabhubesi, izingwe, izingulule, izimpisi namankentshane ziyababamba ompondozinde kanti amazinyane yiwo asengozini kakhulu, yizo ezidala ukuthi kufe isibalo esikhulu sawo.

Babonakala Kanjani

Inyamazane enkulu enamabala agqamile amnyama ebusweni nasemilenzeni, imithende eminyama ezinhlangothini neshoba elimnyama. Izimpongo zilinganiselwa ku-1.2m emahlombe, kanti ziwu-240kg isisindo. Izimpongo nezinsikazi kunezimpondo. Izimpondo zempongo zimfishane futhi zinkudlwana kunezensikazi.

Okuphawulekayo Ngaso

Igama lisuselwe esiNgisini egameni elithi chamois lase lihunyushwa lisuswa kwisiDashi lasiwa esiBhunwini. Izimpondo zikampondozinde zifana nemfologo elibhaxa futhi ziyaziwa ukuthi zihlaba zibulale isilwane esizama ukuhlasela ilunga elilodwa lomhlambi wompondozinde.