Nara Plant

Igama

Nara Plant [Acanthosicyos horridus]

Isingeniso

I-Acanthosicyos horrida itholakala ingamaqoqo kuma-dunes esifundeni saseSossuvlei eduze kwaseWalvis Bay. Lesi sihlahla sinobulili futhi ubude baso buyafika ku-1.5 wamamitha. Ubulili obufanayo butholakala bungamaqoqo noma ngabodwana, nakuba ngenye inkathi aba nokuthintana nobunye ubulili obuseduze.
Lesi sitshalo sinezimpande ezijulile. Kasinawo nhlobo amaqabunga. Izithelo zaso siyafika ema-25 wamasentimitha. Lesi sitshalo siyakwazi ukuzizungeza ngesihlabathi esiningi bese sikhula ngaphezu kwaso. Izitshalo ezintsha zihluma uma kunetha, futhi izimpande ziyashesha ukujula.

Izithelo zeNara

Ngenye inkathi akubi nazikhala phakathi kwesithelo. Zingaba yisichanti futhi ziyahlaba. Ukuvuthwa kwesithelo kuba phakathi kukaNhlolanja noMbaso. Zihlala ziluhlaza ngaphandle, ngaphakathi zinembewu engahlangene nesikhumba, futhi ziba wolintshi ngokombala. Zinoshukela omningi nephunga elimnandi. AbaThwa abahlala ezindaweni ezinalesi sitshalo bayakwazi ukusibona masesivuthiwe bengasihlephulanga.

Okwenziwa ngezithelo

Okokuqala wukuthi uyidle isuka esihlahleni. Okwesibili iyabiliswa yonyiswe. Ngale ndlela abaThwa bayakwazi ukusigcina lesi sithelo kuze kuphele unyaka noma singasenamsoco ngenjesithelo esisesisha. Ngakho-ke lesithelo singumthombo obalulekile wokudla, ngenxa yokuthi uyakwazi ukuyomisa imbewu bese uyayigcina. Uma lezi zithelo zingakavuthwa ziye zidliwe yizilwanyana okubalwa kuzo ojakalashe amagundane nakuba zibaba.

Imbewu

Esesivuthiwe sinephunga okucatshangwa ukuthi lenziwa yisibabuli nezinhlbo zeCucumis melo. I-cucurbitacins ayizwakali nhlobo uma sesivuthiwe.

Lesithelo singadayiswa kwenziwe ngaso u-ice-cream, futhi singonyiswa sithelwe ngaphezulu kukashokhi. Izimbewu zivele zidayiswa kubantu baseYurophu, abahlala eWalvis Bay. Laba bantu bazidayisa emamakethe izimbewu ziphelele noma bakhiphe izinhlamvu ezingaphakathi. Siyadula ngoba siyisithelo esingajwayelekile futhi sinomthelela ukukhuphula umnotho ebantwini baseWalvis Bay. Izindawo zokwenza u-ice cream zikude nabaThwa ngamakhilomitha angamashumi amathathu. Bangabambisana namafemu afuna ukudayisa lesi sithelo.

Nara Melons

I-nara yisitshalo esiluhlaza esinameva esingenawo amaqabunga. Isiqu siyawenza umsebenzi owenziwa amaqabunga esihlahleni. I-nara yisitshalo sasehlane ngempela ngoba izimpande sayo zijulile okwenza zifinyelele emanzini akude phansi komhlaba. NgoNhlolanja kuya kuMbaso nangoNgcwaba kuya kuMandulo abantu baseTopnaar baye bavune isithelo sayo.